Ezokuvakasha

Kubhekwe inzuzo ka-R15 billion ngobhazabhaza wenxanxathela yezitolo

Published

IMEYA kaMasipala weTheku, uMnuz Cyril Xaba, ithula ngokusemthethweni inxanxathela yezitolo iWestown Square

Image: DOCTOR NGCOBO

KULINDELEKE ukuthi yenze inzuzo yemali elinganiselwa ku-R15 billion eminyakeni ewu-10 kuya ku-15 kusuka manje inxanxathela yezitolo entsha iWestown, evulwe ngokusemthethweni lapho yakhiwe khona ngakuthelawayeka womgwaqo u-N3 ophakathi koMgungundlovu neTheku. 

Lokho kudalulwe yiMeya yoMkhandlu weTheku, uMnuz Cyril Xaba, ngenkathi iyivula ngokusemthethweni, lapho idalule khona ukuthi le nxanxathela yezitolo yakhiwe endaweni engamahektha awu-100. 

IMEYA kaMasipala weTheku, uMnuz Cyril Xaba, nethimba layo bevula ngokusemthethweni inxanxathela yezitolo iWestown Square ngoLwesine

Image: DOCTOR NGCOBO

Ngaphakathi kule nxanxathela, kukhona izitolo ezididiyele imikhiqizo eyahlukene yezobuciko, imfashini, ezobuhle, ezokudla nezindawo zokudlela zeqophelo eliphezulu. 

Okhulumela uMasipala weTheku, uNksz Gugu Sisilana, uthe uMkhandlu weTheku utshale imali elinganisela ku-R600 million ohlelweni lokwakha le nxanxathela.

IMEYA kaMasipala weTheku, uMnuz Cyril Xaba, nethimba layo bevula ngokusemthethweni inxanxathela yezitolo iWestown Square ngoLwesine

Image: DOCTOR NGCOBO

"Lokhu kuseyisinyathelo sokuqala sokuthuthukisa izindawo ezakhele iTheku, kanti futhi sijabule ngokuthi ukwakhiwa kwayo kwakhe amathuba omsebenzi ezokwakha awu-15 000 nawokusebenza ngokugcwele awu-8 500," kusho uNksz Sisilana.

UMnuz Simphiwe Ngema, ohlala eNtshongweni, lapho okwakhiwe khona le nxanxathela, uthe bajabule ngokuthi lolu hlelo lusize abantu abaningi abasha ukuthola amathuba omsebenzi, akholwa wukuthi kuzosiza ukufukula umphakathi abawakhele kubhekwe phambili.