BEBEBAHLE bedelile osaziwayo emcimbini wakulo nyaka wamaMetro FM Awards enkundleni iMbombela, eMpumalanga.
Izintokazi ebeziphethe uhlelo ziqinisekise ukuthi zikhipha unyawo ngengqephu yesimanje nengajwayelekile.
ULootlove obephethe uhlelo, ushiye abaningi bedidekile ngemiswenko yakhe ehlukene abeyishayile, kukhona okuhle ngokumangalisayo, okunye abantu bathi chooo uxamu ugeje umgodi kanti kokunye bathi hhay ubekopela kuzakwabo ongumethuli wezinhlelo uBonang Matheba. Konke lokhu kufakazela iqiniso lokuthi abasiki bengqephu balinyusile izinga, bashaya uthula msindo.
Nazi izithombe zabanye osaziwayo abebekhona abashaya imisiko ethokozise abaningi.