Ezokuvakasha Izithombe

Izithombe zemicimbi

Zimbili Vilakazi|Published

KWENZEKE okungajwayelekile emkhehlweni kaNksz Bongeka Mdlalose, umyeni wakhe uMnuz Presley Mawela, emnika isipho sonyanyavu lwemoto, umcimbi ubuseMawombeni eMashona

KUBA mnandi uma kuhlangene imindeni, izihlobo nabangani kudliwa izibiliboco, kugeleza neziphuzo. Sikuphathele imicimbi ehlukene exoxwa ngezithombe.

Uma ufisa ukuthi izithombe zomcimbi wakho zishicilelwe kuleli khasi, zithumele nge-email ethi: [email protected]. Bhala kafushane ukuthi bekuwumcimbi kabani, umayelana nani futhi ukuphi?

Uma esithombeni kukhona abayisihlanu kuya phansi, sicela nibhale amagama nezibongo komuntu ngamunye. Kusukela ngesonto elizayo izithombe zemicimbi sezizoshicilelwa ngoLwesibili.

BALUGUBHE ngenkulu injabulo usuku lukazwelonke lwezingane obelungoNovemba 4 abafundi baseLangeni Reading Club KwaSwayimane
BEKUMNANDI kwaMbatha eHopsland umndeni udla isidlo sangeSonto
Bekusindwe ngobethole kwembeswa kukhehlwa uNksz Mbali Njakazi ePort Shepstone kwaMadlala ekhehlwa uMnuz Mlungisi Meyiwa waseMkhazini
BEKUKUHLE kudelile emcimbini Ubuhle Besintu lapho u-Esihle Ntuli edle khona umhlanganiso wokuba i-1st Queen, ophakathi nendawo uSiphesihle Shelembe obe yiJunior King kwathi uMelokuhle Ntuli waqokwa njengeLittle King

BEBEFA yinjabulo othisha benkulisa iGood Hope yasoSindisweni Ogunjini bejabulela ukufeza umsebenzi wonyaka abantwana abebefunda enkulisa bethweswa iziqu
BEKUKUHLE kudelile enkulisa iGood Hope yasoSindisweni Ogunjini onunuza abebefunda khona bethweswa iziqu. Babuye bafundiswe nezinye izinto
Babezikhiphele kwiGcwalisa Spring Picnic beshaye umbala wosuku, kwesobunxele uNksz Busiswa Sibeko, phakathi nendawo uNksz Nasiphi Doko bese kuthi kwesokudla uNksz Phumelele Ndovela Izithombe: ZITHUNYELWE