USUKU lokuqhakambisa ubu-Afrika luvame ukugujwa ngezindlela ezahlukene ezweni lonke kodwa eTown Lodge Roodepoort bahlele idili likaMkhipheni. URoslyn Khumalo onguMphathi-Jikelele kuleli hhotela uthi ayikho indlela enhle yokuveza ukuzigqaja ngobu-Afrika kungekho ukudla kwesintu. Uthe ubuholi nabasebenzi baleli hotela bahlela ukukhipha unyawo ngokupheka ukudla kwesintu okuconsisa amathe.
Lokhu bakwenza ngenhloso yokukhumbuza izivakashi zabo ubumnandi bokuba sekhaya, kuhlangene abantu abathandanayo kushaywa ne-seven colours.
"Abapheki bethu bahlela idili elimnandi lokudla kwesintu, noma ngabe ungowaselokishini noma emakhaya ukudla okuhlanganisa imifino, isitambu ujeqe nokunye esikhule ngakho, sikumatanisa nemicabango emihle yokukhula kwethu ngothando lwezalukazi ezazisiphekela sisakhula.
“Uma silungiselela lezi zidlo izivakashi zethu ziyakuthokozela futhi ziyakuthanda kakhulu. Ukunambitheka kwekhaya okusho lukhulu uma usohambweni. Nakuba iyinhle imenu yethu ye-Eat-in, okuhle kakhulu ukuphakelwa ukudla okunomsoco ngale ndlela okuphekwa ngayo ekhaya futhi kuqinisa ukuxhumana kwezivakashi zethu nehhotela," kusho uMphathi-Jikelele uRoslyn Khumalo.
Njengophawu lokubonga ukubambisana emsebenzini, uRoslyn nethimba lakhe lasekhishini balungiselele isidlo sasemini sabasebenzi, esihlanganisa nokudla kwasekhaya ngqo. UChef de Partie Andrew Machaba uthi zonke izithako zitholakala kalula kubahlinzeki behhotela.
Izivakashi zingalindela lokhu kuleli dili;
- Inyama yangaphakathi: Kungaba eyenkomo noma eyesiklabhu kodwa le yintandokazi yabaningi izobe iphekwe ngezithako ezimbalwa okungusawoti, curry powder nopelepele.
- Isibindi senkukhu: sizonongwa kahle ngeCajun spice ne-chicken stock bese kuthoswa.
- Amanqina: Abiliswa isikhathi eside kufakwe anyanisi, galigi, utamatisi, upelepele, beef stock, turmeric, Worcester sauce, black pepper, salt neRajah Mild.
- Izingingila: Nazo zizokwenziwa ngendlela yasekhaya ukufaka ama-spice amnandi, kufakwe i-Prego sauce, kufakwe ezindukwini zakhona ngaphambi kokufakwa emilweni zosiwe.
- ISnapper Rock Fish: Le nhlanzi izobhakwa kahle kubekwe ulamula, anyanisi, utamatisi yanongwa kahle ngezithako ezihambisana nayo ne-mustard
- Ubhontshisi: uzobiliswa kahle kufakwe anyanisi, i-tomato sauce nezinongo ezimnandi
- Ikabishi: Intandokazi yabaningi le kuzofakwa anyanisi, galigi, u-green pepper, carry power ne-Aromat.
- ISquash: sizogqunywa kahle emanzini anosawoti nebhotela sithambe bese kufakwa izincezu ze-apula.
- Kukhona nokunye okuseceleni okuzojabulisa izimenywa, amagwinya, idombolo, ichakalaka namasaladi
“Lezi zindlela zokupheka sizifunde ekhaya, zadluliselwa kubazali, o-anti nogogo nomama sibabona bephekela umndeni, nezingane zethu zikhula ngakho loku kudla,” kusho uMpho Magampa oyiJunior Assistant General Manager.
UNosipho Sithole oyiCommis Chef uthi yize ukudla kuphekwa ngendlela yasikhaya ngogalaza webhodwe kodwa bathe thasi okwesimanje, okunye bakafaka kuma-air fryer kwanongwa ngendlela ekhethekile.
“Okuhle wukuthi sisebenzisa izithako ezikhona emakhaya u-anyananisi, utamatisi, u-green pepper nosawoti, no-carry powder ojwayelekile okwenzela ukuthi uma umuntu edla, akhumbule ukuthi unambitha ukudla akwaziyo," kusho yena.