YIZE kuthiwa izinkunzi ezimbili azihlali esibayeni esisodwa, kodwa wena onesibindi ungasebenzisa amaholidi asebusika ukungena ezibayeni zezinkunzi zoqobo eGoli.
I-The Lion & Safari Park nomakhelwane wayo iBothongo Rhino & Lion Nature Reserve banqume ukubambisana ukuze kuhehwe izivakashi ezifuna ukubona eduze izilwane nokungcebeleka.
Abanikazi balawa mapaki bathi babone kukuhle ukubambisana benze indali ezojabulisa izivakashi ikakhulukazi njengoba kuyisikhathi samaholidi ezikole. Ngale ndali, umuntu uzothenga ithikithi elilodwa kodwa lizomfaka kuwo womabili amapaki.
Lesi sinyathelo siyingxenye yeminikelo ejabulisa kakhulu eyake yethulwa amapaki. “Lesi yisivumelwano esingefaniswe,” kusho uShandor Larenty, umphathi wezilwane zasendle eLion & Safari Park. "Ayigcini nje ngokunikeza inani elimangalisayo lemali, kodwa isikhathi sifanelekile samaholide esikole. Imindeni izokuthakasela ukuzijabulisa kula mapaki amabili ahluke kakhulu - kusukela ekuboneni amakati amakhulu asendle ukuya ekuhloleni i-Bothongo Wondercave yomlingo wonke ngephakeji elilodwa."
E-Lion & Safari Park, izivakashi zizothola umsizi ozozihambisa ohambweni lwehora lonke bebuka izilwane ezifana namabhubesi, zizobhekana khona nezinye izilwane zasendle ezivelele zaseNingizimu Afrika, ezihlanganisa amabhubesi, amankentshana, izingulule, nezinhlobo ezihlukahlukene zezinyamazane.
EBothongo Rhino & Lion Nature Reserve bakunikeza ithuba lokuthi uzishayelele wena uma uzungeza phakathi ubona izilwane. Lokhu kukunikeza ithuba lokuthi usebenzise imoto yakho, futhi uthathe isikhathi sakho ubuka yonke into ungajahe ndawo kungekho nabanye abantu abanezinhlelo zabo ezingahambisani nezakho.
Ithikithi lakho likufaka naseBothongo Wondercave, enye yezakhiwo zemvelo ezindala kakhulu futhi eziheha kakhulu zaseGauteng.
Le ndali ebizwa nge-Ultimate Safari Duo, itholakala kusukela ngo-1 Juni kuya ku-31 Julayi 2025, yenzelwe imindeni, abathanda imvelo, nanoma ubani ofuna ukuphuma futhi asisebenzise ngokugcwele isikhathi sekhefu lesikole.
Ukusebenzisana phakathi kwala mapaki amabili akuhlosile nje kuphela ukwandisa ukufinyeleleka kwezokuvakasha okusekelwe kwezemvelo kodwa futhi ukukhuthaza uthando olujulile lokongiwa kwemvelo phakathi kwezivakashi zendawo. Womabili amapaki i-Lion & Safari Park kanye ne-Bothongo Rhino & Lion Nature Reserve ayizintandokazi futhi ahamba phambili ohlwini lokuphuma kwemndeni efuna ukwazi kangcono iGauteng nakho konke okukhona okuthinta imvelo.