Ezokuvakasha

Inselelo yokudoba intsha ukuze ikhonze ukuvakasha

Simangaliso Ntshangase|Updated

BAFUNA ukudoba intsha ukuthi ithande ezokuvakasha njengoba ingekho nklamunklamu ekuhambeleni izindawo ezahlukene kuleli nakwamanye amazwe.

Lokhu kuvezwe yisikhulu esiphezulu seGreen Youth Network uMnuz Sanele Zulu, sethula inkulumo yaso kwesinye sezigcawu zokucobelelana ngolwazi kwezokuvakasha, okwenzeke ngesikhathi kusongwa umbuthano waminyaka yonke wezokuvakasha nezokuhwebelana i-Africa's Travel Indaba, e-ICC, eThekwini izolo.

UZulu uthe:"Enye yezinto ezenza ukuthi abantu abasha bangakukhuthaleli ukuvakashela izindawo ezahlukene ezweni nakwamanye amazwe wukuthi kuncane okwenziwayo ukwenza intsha ihlabeke umxhwele futhi ifise ukuhambela izindawo zokuvakasha." 

Kulesi sigcawu bekudingidwa indikimba ethi, Youth Tourism and Backpacking: Unlocking Youth Interest in Travelling. Uhlelo beluphethwe nguNksz Zama Khumalo.

KUSUKELA kwesokunxele wuMnuz Sanele Zulu, Mnuz Ndabenhle Ntshangase, Nksz Zama Khumalo noMnuz Sandile Cele, becobelelana ngolwazi lwezokuvakasha kusongwa i-Africa's Travel Indaba, e-ICC, eThekwini izolo

Image: SIMANGALISO NTSHANGASE

UZulu uthe intsha kumele ihlomele amathuba akhona kwezokuvakasha, ngokuthi ingahlali ilinde ukuxhaswa kuphela, kepha ihlale izihlupha ngolwazi nangamathuba atholalakala ngokungena kwezokuvakasha, okunye okuningi kubafice ngendlela.

"Okunye okumele sikwazi futhi sikuqonde wukuthi izinto ezihlaba abantu abasha umxhwele azifani nezijabulisa abantu asebekhulile. Lokhu kusho ukuthi sisahlalelwe wumthwalo wokuthi senze izindawo zethu zokuvakasha zihambisane nezidingo zentsha," usho kanje.

Isikhulu esiphezulu seVolunteer and Travel, uMnuz Sandile Cele, sithe enye into engasiza kule nkinga wukuthi kwakhiwe futhi kuqiniswe ukubumbana entsheni yakuleli zwe neyakwamanye amazwe omhlaba, ikakhulu lawo asephambili ngezinga nangezomnotho.

"Ukwenza kanjalo kuzosisa ngokuthi singasaleli emuva kakhulu kozakwethu bakwamanye amazwe. Sila sikhona manje ngoba asisukumi ngokwanele ukuncela ulwazi kwabanye asebephambili kunathi okudala ukuthi sisilele emuva futhi singakwazi ukuba sezingeni okufanele ngabe sesikulona kwezokuvakasha," kusho uCele.

UMnuz Ndabenhle Ntshangase, isikhulu esiphezulu se-AirStudent, ucebise ngokuthi akwenziwe izinhlelo zokuthola abantu abasha abanentshisekelo nothando lwezokuvakasha, bese kusetshenziswana nabo ukushumayela nokufaka leli vangeli kontanga babo. Uthe lokho kungasiza kwenze  babone ubumqoka bokuvakashela izindawo ezahlukene ezweni nakwamanye amazwe ase-Afrika nasemhlabeni jikelele.