ABANTU besifazane abaningi kulezi zinsuku bayazifela ngokufaka izikhafu namaduku amancane nosekuholele ekutheni kungenise inqwaba yezitayela zamaduku abesifazane. Muva nje ezitolo kulenga amaduku alula asehlobo amade namafishane afakwa njenge zimpahla zokugqoka, imigexo, imihlobiso nokunye. Ongoti bezemfashini bathi noma kungesona isitayela esisha kwezemfashini kodwa kuleli hlobo kuzobe kudideka unwabu.
Ungoti wezemfashini uNkk Sthandiwe Hlongwane Sokhela uthe lama duku enziwe ngendwangu esilk futhi abevele esekhona ezitolo nyakenye. Kodwa ngenxa yokuthi iNingizimu Afrika isitayela isilandela kamuva kwamanye amazwe, yima edlisa kakhulu manje kuleli. Lokhu kwenziwa nawukuthi izitayela eziningi zemfashini ziqala kwamanye amazwe bese zifika kuleli seyidlulile isizini zize zilinde elandelayo.
"Lama duku abambele lawa abizwa ngama bandana ake adlisa kakhulu phambilini. Umehluko manje abuya ngemibala egqamile nexubile. Okwenza abe lula ukuthi kuzongena ihlobo futhi imibala egqamile ihambisana kahle nalo. Abantu abafani nezitayela zabo zihlukene nokuzokwenza kube nezindlela eziningi zokuwagqokela lama duku. Ngeke agaxwe emqaleni noma ashuqulwe ekhanda kuphela kodwa ziningi izitayela esizozibona singexwayi,"kusho uNkk Hlongwane Sokhela.
Ephetha uthe yize engenisile lama duku kodwa akusho ukuthi kulaba abathanda amabandana asephelelwe isitayela. Lokhu kuzosebenzela intsha kakhulu ngoba uyakwazi ngisho ukulenza isifonyo leli duku.
Izindlela zokusebenzisa iduku lakho
-Ungathenga isikhwama osithandayo esinombala owodwa bese uthenga iduku elinemibala exubile ulifase eceleni noma phezu kwebhande lesikhwama.
-Uma usunezicathulo ezindala ongazithandi, ungasika umsweswe weduku ulinamathisele indwangu yalo kuzo kuphume isitayela.
-Ungalisebenzisa njenge sikhafu sokumesha umsiko wakho noma ngabe kuyashisa, kuyanetha noma liguqubele.
-Kulezi zinhlobo ezinkulu ungalithatha ulibophe emabeleni kube umsiko wangenhla wokuphola uma kushisa kakhulu.
-Ungalisebenzisa njenge bhande ngelinye ilanga kube kuhle noma wenze ibhangela.
– Ungahlobisa isigqoko sakho selanga noma ubophe nezinwele ngeduku lakho.