EMUVA kwesikhathi esingatheni ingenise ngemisiko yezishweshwe zomtakabani ilebuli yengqephu kasaziwayo wakuleli, isivumbuke ngezitayela ezintsha ezithathe abaningi.
I-Official NNVintage okuyilebuli kaNhlanhla Mafu ongumculi eqenjini leMafikizolo, isizakhele igama kwingqephu ngezitayela ezehlukile kodwa ezigabe kakhulu ngezindwangu zesintu okubalwa izishweshwe.
Muva nje, i-Official NNVintage iqhamuke nezikhwama nezigqoko ezintsha ezigabe ngezindwangu zezishweshwe ezahlukene. Kukhona nezingubo zabesifazane ezihambisana kahle nemibala yezikhwama nezigqoko. UNhlanhla echaza ngale misiko, uthe isisulwe kwizishweshwe abazethe ngeNeon range kanti nazo zitholakala esitolo sakhe se-online.
Abantu bazijabulele kakhulu lezi zimpahla ngokwehlukana kwezitayela ezithungwe ngazo.
"Lezi zenzelwe mina," kusho uSophie Ndaba.
"Isikhwama siyile nto engiyifunayo," kusho uNeo.
"Wawujwayele ukwenza amabhulukwe e-harem amahle, ngabe usawenza yini," kubalisa uTumiblackspot.
"Kumele ubenaso nakanjani," kusho uPrincess Humi.
"Wenza kakhulu manje, khawula," kusho uZinzi Mafanya.