NGOKUJWAYELEKILE umkhuba wokugqoka izimpahla ezifanayo kubantu abathandanayo kuvamise ukuba yinto abayenza uma kuwumcimbi oqondene ngqo nabo kumbe abamenywe kuwo onendlela ethize okumele izimenywa zigqoke ngayo.
Muva nje lo mkhuba obukeka usuwanda kakhulu, uyabonakala wenziwa yizithandani eziningi ezibonakala ziswenke zicijile ngezimpahla ezinxanxatheleni zezitolo, koshisanyama nakuzo zonke ezinye izindawo zomphakathi.
Ongoti bezemfashini abakushayela izandla ukumesha kwezithandani, bathi lo mkhuba yinto ekhona futhi esinesikhathi yangenisa nesazobonakala yenzeka isikhathi eside.
UBukani Nzama we- Apex Glam, uthe ukugqoka izimpahla ezifanayo yisitayela esingasoze saphela njengoba kuyinto ebonakalayo kuyo yonke imicimbi yezithandani.
" Lo mkhuba muhlefuthi ukhomba ukuzithanda nokuba nesitayela kwalabo abathandanayo. Kunemicimbi esithi uma simenywa kuyo, kudingeke ukuthi sigqoke ngendlela ethize ehambisana nohlobo lomcimbi," kubeka uBukani.
Eqhuba uthe, abanye abazali abagcini nje kuphela ngokumesha nezithandwa zabo njengoba befaniselana nezingane zabo.
USiyabonga Mngadi weFreddy, uthe ukumesha yinto ebalulekile, evuselela uthando kubantu abathandayo.
“ Ukugqoka izimpahla ezifanayo nentombi kumbe inkosikazi yakho wuphawu olukhomba ukuthi awusayona impohlo. Kucacela noma ngubani ukuthi uhamba nomuntu wakho emcimbini uma nigqoke izimpahla ezifanayo. Lokhu kusazoba wumkhuba ozoqhubeka,” kusho lo msiki wengqephu.
Eqhuba uthe wumkhuba muhle ngokuthi uphinde ukhuthaze abesilisa ukuthi bafunde ukuzikhathaza ngezimpahla zezingane zabo.
UNkk Phumla Majozi ongomunye wezithandani ezikukhonzile ukumesha, uthe ukufaniselana ngokugqoka kuwuphawu lokuzwana, ukuthandana nokungabi namahloni ngomuntu onobudlelwane naye.
"Isikhathi esiningi sidonsa amehlo abantu sinomyeni wami uma sifaniselene. Ukunconywa ngabantu ngokunye kwezinto ezithokozisayo uma ugqoke izimpahla ezimesha nezigqokwe yisithandwa sakho. Akubukeki kahle kubantu abathandanayo ukugqoka imibala engafani, nezimpahla ezihlukile emcimbini abasuke bemenywe kuyo. Yingakho kubalulekile ukuthi izithandani zibonisane ngaso sonke isikhathi ngezimpahla ezizoswenka ngazo emcimbini," kubeka uNkk Majozi.
Uthe lo mkhuba wenza ukuthi nezesheli zidede kowesifazane emcimbini uma ehamba nomyeni wakhe.