NAMHLANJE elamanqamu ezintokazini eziyisikhombisa ezingozime ezibheke ukuhlabana ngendondo kaMiss SA wakulo nyaka.
Umcimbi omkhulu uzobanjelwa eSunBet Arena eTime Square ePiloti futhi uzosakazwa bukhoma kuSABC 3 kusukela ngo6.30 ebusuku.
Izintokazi ezisele nezozoqhudelana bukhoma ngu-Anke Rothmann (23) waseNorthern Cape, Bryoni Govender (26) waseGauteng; Homba Mazaleni (23) wase-Eastern Cape; Jordan van der Vyver (27) waseWestern Cape; Melissa Nayimuli (27) wase-Eastern Cape; Nande Mabala (25) waseWestern Cape noNatasha Joubert (25) waseGauteng.
Kulindeleke ukuthi abasiki bengqephu abahamba phambili njengoShelli, Gert-Johan Coetzee, Sherif Tailor, William de Beer noTracy Bome kube yibona abazogqokisa lezi zintokazi kowamanqamu.
UDe Beer, ongumnikazi weWilletdesigns Couture uyena ozokhiqiza izingubo okuzovulwa ngazo umcimbi.
UShelli weShell9 Handcrafted uzobambisana noTraci B kwezokubhukuda nokuphola.
USherif Tailor ozinze eMidrand eGoli okunguyena ozokhiqiza amasudi uthe: “Kudala ngilangazelela ukukhiqiza amasudi abantu besifazane ngoba isudi noma ngabe igqokwe ngubani yenza umuntu abukeke emuhle eqoqekile futhi ecijile. Ngizokwenza amasudi agqamile nabukekayo, ngoba isudi iwuphawu lokukhululeka nokuba namandla komuntu wesifazane.
UGert-Johan Coetzee, waziwa kakhulu ngezingubo zasebusuku futhi usegqokise osaziwayo abaningi kuleli, uthe ukhuthazwa wusikoningi wakuleli njengoba ezokwenza izingubo eziqhakambisa ubumbano futhi zizohlotshiswa ngobuhlalu.