BAKHIPHE unyawo abasiki bengqephu ebebegadla ngezimpahla zabesilisa kwindumezulu yomcimbi wengqephu iDurban Fashion Fair eyenziwa minyaka yonke eThekwini. Ilebuli yabesilisa iDuke ngenye yamalebuli amakhulu angene kwezwakala nezitayela ezahlukene zabesilisa.
IDuke yazakhela igama eminyakeni eyedlule igaba kakhulu ngemisiko eyayidlisa ngamabiker jacket abesilisa namabhulukwe ayedla ubhedu kule minyaka edlule. Selokhu igqame njalo imisiko yayo kanti kulo nyaka ingene ishaya ngezinga elicokeme kwiDurban Fashion Fair nokwenza ubone ukuthi ilebuli esinamava kulo mkhakha yize ungayazi.
Kulo nyaka babalelwa ku-20 231 abantu ababeyingxenye yembukiso kanti babewu-609 osomabhizinisi ebebekhangisa ngemisebenzi yabo eyahlukene okubalwa nezinkampani ezinkulu. Kulo mcimbi kubonbakala nabenza imisebenzi yezandla okubalwa izinto ezibaziwe zokuhlobisa, ubuhlalo, izimbali, amakhekhe, izingubo, ifenisha nokunye okuningi. Izivakashi eziqhamuka
Imisiko kaVyagor Louve ngenye yemisiko edle ubhedu kulo kweyabesilisa kulo nyaka nebisezingeni elipehzulu njengoba ebehlanganise isintu nomswenko wontakabani.