Ezokuvakasha Ezemfashini Nezokuzicwala

Kubuya ezamzukwana kwimfashini yabesimame

Bongiwe Zuma|Published

UZOZIBINI Tunzi nezinye zezitayela ezihamba phambili kwezemfashini. Isithombe: INSTAGRAM/ ZOZI TUNZI

KUNEMISIKO eminingi yabesifazane ebivamise ukuba yihlaya futhi ithathwa njengemisiko yogogo asebaphelelwa isitayela. Kodwa manje cishe kuzo zonke izitolo usukhangwa yile misiko eke yadlisa kakhulu ngeminyaka yo-1960no-1980 ngokusho kongoti bezemfashini.

Muva nje ezitolo kulenga ubulivilivi bamajezi nezingubo zewuli, iziketi zama-pleat nemiqhewu kanjalo nemisiko ehamba ngambili nangantathu yeziketi nezikibha namashethi kanjalo nezingubo ezinamajezi.

Lezi zimpahla zisazokwanda ngokusho kongoti bezemfashini njengoba kuqala ubusika zizongena zize zishintshwe ezasehlobo. Akukhathaleki ngisho ngabe uhambela luphi uhlobo lomcimbi kodwa ngeke ungawutholi umsiko ohamba ngambili ngisho eyokuswenkela umcimbi wezicukuthwane.

LAWA ngamanye amaboots ake adlisa kakhulu eminyakeni edlule kodwa manje abuye ngemfashini esezingeni, uDj HappyGal ngomunye wosaziwayo abagqamise lesi sitayela Isithombe: INSTAGRAM/ DJ HAPPYGAL

UNksz Pinky Dlamini weModesta uthe ngokomthetho umuntu akumele aphisane ngazo zonke izimpahla zakhe ngoba zisuke zizoba usizo kwisizukulwane esilandelayo. "Lezi zimpahla ezidlisa manje intsha ikhule zihlekwa zingekho esitayeleni ngoba bezigqokwa ogogo ngaleso sikhathi. Kodwa manje yizona ezibuyayo zizogqama kahle uma sekubanda kakhulu. Ngokomthetho umuntu onomzukulu manje angambekela noma ingubo ngayodwa ngoba izobuya ngelinye ilanga seyibiza ngokuphindiwe,"kusho uNksz Dlamini.

UZOZIBINI Tunzi nezinye zezitayela ezihamba phambili kwezemfashini. Isithombe: INSTAGRAM/ ZOZI TUNZI

Eqhuba uthe okwamanje kuseyizimpahla zabantu besifazane kwazise ezabo izitayela eziba ziningi futhi nezigqama kakhulu. Kodwa nezabesilisa sezikhona esezikhona ezitolo njengamajezi ewuli, amajakhethi amakhulu agabe ngeziphika ezinovolo kanjalo namashethi esikotshi. UNksz Dlamini uthe akuzona nje kuphela izimpahla zokugqoka kodwa ngisho nezicathulo kuzobuya ama-boots ayebizwa ngama gqomoza nohlobo olufaswa luze luyophuma phezulu.

UKUMESHA kuzohamba phambili kwimisiko yabesifazane kulobu busika Isithombe: INSTAGRAM/ ZOZI TUNZI

Abanye osaziwayo sebeqalile ukubonakala neminye yale misiko kwazise zonke izitayela ziqala ngabo. Phakathi kwezinye zezimpahla abantu abangazilindela kakhulu amabhulukwe azishaya sasikhumba neminye imisiko yesikhumba eke yadlisa eminyakeni edlule okubalwa neyo-1990. Le misiko iqhamuka ngezitayela ezehlukene ukuze wonke umuntu athole uhlobo lwemisiko ehambisana naye.

ALUKHO uhlobo nesitayela somswenko ongeke usithole sihamba ngambili njengalo kaBoity Isithombe: INSTAGRAM/ BOITY
UMSWENKO wengubo ezishaya sajezi negqokeka noma ngabe kunini Isithombe: INSTAGRAM/ ZOZI TUNZI
UMIHLALI Ndamase eziphihle ngesinye sezitayela esingenisile kulezi zinsuku Isithombe: INSTAGRAM/MIHLALI NDAMASE
IZINGUBO nazo zikhona kwezinye zezitayela zabesifazane abazogaba ngazo kulobusika Isithombe: INSTAGRAM/ ZOZI TUNZI

Okumele ukuqaphele

-Uma ugqoke ibhulukwe eliveza amaqakala, faka amasokisi angama secret socks noma ufake lawa azonyuka emaqakaleni kucace ukuthi uwafakile, kungaba ngisho yilawa abizwa ngama happy socks.

-Uma ugqoke izimpahla ezinkulu qikelela ukuthi isikhwama osiphethe ngaleso sikhathi asibi sikhulu naso.

-Zama ukumesha imibala ingaqhelelani kakhulu ngoba lezi zimpahla zinhle uma uzozimeshela njengoba kwakwenziwa ngeminyaka yo-1960.

-Umsiko wangenhla uma uvulekile owangezansi awukulingane kahle ukuze kuphume isakhiwo somzimba wakho kube khona lapho kuzoqoqeka khona.

-Thenga umsiko ozokwazi ukuwugqoka ngezitayela eziningi ezahlukene ungaxwayi uhlobo lwezicathulo nezikhwama onazo emgodleni wakho.