BAKHETHIWE abasiki bengqephu abangu-25 abazoqhudelana ngoMgqibelo, emncintiswaneni wokukhetha abayishumi abazokhangisa futhi bancintisane koweHollywoodbets Durban July ngenyanga ezayo.
Laba basiki bengqephu bazoqhudelana koweHollywoodbets Gold Challenge lapho okulindeke ukuthi kukhethwe abayishumi abazodlulela phambili ekukhangiseni imisebenzi yabo emcimbini wesidlo sakusihlwa i-Hollywoodbets Durban July Fashion Gala Preview Evening ngomhla ka-27 eGateway Theatre of Shopping.
Kuyo yomibili imicimbi kuzoklonyeliswa abasiki bengqephu ngokwezigaba ezintathu, i-Hollywoodbets Durban July Young Designer Award ezokwethulwa ngabeDurban Fashion Fair; i-Hollywoodbets Durban July Invited Designer Showcase ezokwethulwa abe-Dove; ne-Hollywoodbets Durban July DFF Rising Stars Collection, lapho abasiki bengqephu bazoveza imisiko yabo ehambisana nesiqubulo sakulo nyaka esithi, Marvels of Mzansi.
Amajaji okunguNonhlanhla Khumalo (Durban Fashion Fair), Vuyisile Ngobese (Hollywood Foundation), nabasiki bengqephu uZama Mathe, Kathrin Kidger noSandile Duke Mngadi - bonke bavumile ukuthi izinga lalo nyaka liphezulu ngendlela emangalisayo.
"Indikimba yalo nyaka ikhuthaze abasiki bengqephu ukuthi bahlole ukuthi yini eyenza iNingizimu Afrika igqame ngempela. Abafundi bathole ugqozi emasikweni anothile, umlando wethu nezwe eliqhakazile lezokungcebeleka," kusho uVuyisile Ngobese, oyijaji nesikhulu sezobudlelwano bomphakathi eHollywood Foundation.
“Uhlelo lokuqokwa kwabazoncintisana lube nzima ngendlela eyisimanga kodwa sikwazile, ikakhulukazi emakolishi anjengoMgungundlovu School of Fashion enerekhodi elihle lokuhlabana ngendondo yokuqala neDurban University of Technology, ehlale ikhiqiza abasiki bengqephu asebengene kwabathathu abahamba phambili,” kusho uNgobese.
Mikhulu imiklomelo kulo nyaka njengoba iHollywood Foundation ikhuphule imali yemifundaze yabafundi abaphumelele, abaphume isibili nabaphume isithathu besuka ku-R100 000 baya ku-R150 000.
“Ucwaningo lwethu luveze ukuthi imali yokufunda inyukile ngakho-ke sikwenzele ukuhlangabezana nezidingo zabazali nabafundi. Owokuqala uzothola u-R70 000, indawo yesibili u-R50 000 kanti isithathu sizothola u-R30 000 eHollywood Foundation,” kusho yena.
Eminye imiklomelo yabafundi abaphume phambili ihlanganisa ukuya ku-SA Fashion Week, imali evela eSchweppes naseRace Coast, namakhadi ezipho avela eGateway Theatre of Shopping.
Abangu-25 abafinyelele owandulela owamanqamu kwiHollywoodbets Durban July Young Designers Award eyethulwe yiDurban Fashion Fair:
Irene Price (Esayidi Fashion school)
Mary-Jane Mchunu (SG International)
Fatu Shabane (Inscape Education)
Thulethu Gezemdala (Fezile Fashion Academy)
Mpilo Sithole (DUT)
Vumani Mkhize (DUT)
Andiswa Gumede (DUT)
Tshepang Lebenya (DUT)
Nothile Mkhungo (Esaydi Fashion School)
Vuyiseka Myoni (Esaydi Fashion School)
Zama Mbambo (PMB school of fashion)
Wamukelwe Nyandeni (Esaydi Fashion School)
Queenton Mjweni (DUT)
Samkelo Mkhize (Umgungundlovu TVET)
Olwethu Ngcobo (Umgungundlovu TVET)
Nohlahla Dube (Umgungundlovu TVET)
Khumulani Ndlovu (Umgungundlovu TVET)
Neliswa Gcwabaza (Umgungundlovu TVET)
Mangoba Mnguni (Iqoda Incubator)
Kheta Thango (Iqoda Incubator)
S'nekamva Xali (Umgungundlovu TVET)
Sthokozile Mngadi (Umgungundlovu TVET)
Andile Cele (Umgungundlovu TVET)
Sethu Sicwebu (Lindiwe Khuzwayo)
Samkelo Makhubalo (Umgungundlovu TVET)