SEKUJWAYELEKILE ingqephu egqokwa ngomtakabani emicimbini uthuke usuyibona igqokwe ngisho emicimbini yasemakhaya.
Muva nje, imisiko eminingi ehlotshiswe ngobuhlalo obumba eqolo ibonakala cishe kuyona yonke imicimbi.
Lezi zingubo zabesifazane kuthathwa ngokuthi zibiza kahle uma ziqala ku-R30 000 iyinye, kanti ingafinyelela ku-R200 000 ngokusho kongoti bengqephu.
Ngokusho kukangoti wemisiko yabesifazane uNkk Mamsie Mkhwanazi, wesitolo i-Afrolicious, izinga lempilo seliyaphoqa ukuthi abantu baswenke ngokulinganayo ngenxa yezinkundla zokuxhumana.
"Ukungenisa kwezinkundla zokuxhumana kwenze abantu abaningi bakwazi ukugqoka noma yini. Iningi labantu selikwazi ukugqoka imisiko esezingeni elifanayo nosaziwayo nosozimali kodwa bebephila impilo esezingeni ajwayelekile. Lokhu kwenza ukuthi ngisho izindwangu, ubuhlalo nezigqoko kubize kakhulu bese kuphoqa ukuthi abanye bagcine bengakwazi ukuthenga lezo zindwangu," kuchaza, umsiki wengqephu uNkk Mkhwanazi
Yize zimba eqolo kodwa zikhona ezisezingeni labantu abaphila impilo ejwayelekile futhi ezithengeka kalula kodwa ziggqokwa wuwonke wonke. Okuhle ukuthi ungazifaka noma yikuphi futhi kumanje sekungenisa imisiko yokuphola olwandle egabe ngobuhlalu obungama-pearl nezinye izinhlobo ezimba eqolo. Ezinye izindwangu nezitayela kanjalo nobuhlalo zisuselwe emisikweni yezinhlanga zakwamanye amazwe ase-Afrika.
UNkk Mkhwanazi uthe ziningi izindlela zokuhlangabezana nezindleko ngoba kukhona izindwangu ezinobuhlalu ongeke ubuthole kwenye indwangu. Lokhu uthe kwenziwa ngesandla ukuze kube yileyo ngubo kuphela futhi kuthatha izinsuku, amasonto nezinyanga ukuthunga ezinye zezingubo.
"Uhlobo lwezindwangu ezinamapearls zithanda ukubiza ngaphansi ngoba zithungelwa kuzo ngomshini. Okwenza zehluke futhi zitholakale nakangcono, yingoba zinama phethini afanayo futhi uyakwazi ukuyithola kalula," kusho uMamsie.
Kukhona imisiko ethungwe yanezelelwa ngolesi abahle ababiza amanani aphezulu, namapitikoti ayinethi enza uvukuzele kahle umsiko. Lokhu kushiyana ngohlobo lwesitayela nomsiko othandwa umuntu kodwa ubuhlalu, amapearls namadayimane amba aqolo ayagqama noma ngabe mancane kangakanani.
Umsiki wengqephu uthe kukhona nohlobo lwamanethi okuthungelwa kuyo izinhlobo zobuhlalu enza kungabonakali ingaphakathi nengaphandle lendwangu kanjalo nokotini. Imitha lendwangu libiza ngaphezulu kuka-R1 000.
UMamsie uthe noma zikhona izindwangu nobuhlalo okuqhamuka eChina, kodwa izinga alifani nokwenza imisiko yabantu abathungelwe ngazo isheshe iqaqeke noma ibukeke ingacolekile kahle. Uthe imisiko ethungwe yahlotshiswa ngobuhlalu ngesandla, yize kuwumsebenzi omningi futhi nezindwangu zakhona zimba eqolo kodwa yiwona owenza umuntu ahluke kwabaningi.