Ezokuvakasha Ezemfashini Nezokuzicwala

Ayihlabi ngakumisa

Charles Khuzwayo|Published

SLEE NDLOVU

SLEE NDLOVU

YEKA ukumethemba kwami uSlee Ndlovu weReal Housewives of Durban. Bengimphikela nokuthi watshela indoda kaJojo Robinson, uCalvin, ukuthi akamfunele indoda enemali. Ngishaqekile ngizwa evuma ukuthi waphuca umngani womndeni indoda eyisiqumama. Sibonge kubaseshi bakaTwitter abavundulule ukuthi ngesikhathi efika kulolu hlelo wathi uyimpohlo kodwa esikulungele ukujola. Wenza kahle impela uJojo ukumqhelisa endodeni yakhe eyisigwili. Wacishe wakhala wazithulisa ngoCalvin, esekhale wemuka noSlee wethu.