UMCULI we-Afro Soul uKelly Khumalo usephinde wajabulisa abalandeli bakhe efaka isithombe nevideo yakhe enomrepha uChad Da Don
.
Kuke kwaba nothando oluvuthayo phakathi kwalawa maciko kusukela ngasemaphethelweni onyaka odlule.
Kulo nyaka nokho kuke kwavela ukuthi bahlukene, okuyinto eyaqinisekiswa nguChad nomndeni wakhe ngasekuqaleni kukaFebruwari. Ngenyanga edlule engxoxweni ne-eNCA uKelly waveza ukuthi kukhona asethandana naye kodwa wangafuna ukugxila kakhulu kulokho.
"Ngicabanga ukuthi ukhona (umuntu athandana naye). Kodwa okwamanje angifuni ukujaha. Ngisabheka ukuthi yini esebenzayo, yini engasisebenzeli, nokumazisisa umuntu omthandayo. Ngicabanga ukuthi umuntu ongamazi..." kusho uKelly ekhuluma nentatheli ye-eNCA.
NgoLwesithathu ekuseni lo mculi ushiye abalandeli bakhe bezibuza beziphendula ngombhalo wakhe othi ‘05/04/2019 obuhambisana ne-emoji yeringi kanye nesithombe sabo bendawonye, uKelly egqoke ingubo nengubo yomshado.
05|04|2019 💍 pic.twitter.com/TSQsDGrvZ0
— Kelly Khumalo (@KellyKhumaloZA) April 3, 2019
Ufaka lesi sithombe nje lo mculi usanda kugxeka abantu abasamhhahhameza ngodaba lokubulawa kukaSenzo Meyiwa. Lo mculi usanda kuveza ukuthi ngakolwakhe uhlangothi wakukhuluma konke emaphoyiseni, abenemibuzo ngokungaboshwa kwababulali, wathi kumele baye eziteshini zamaphoyisa beyobuza kuzo hhayi kuyena.
Gcwala! pic.twitter.com/NyWda0Eynp
— Kelly Khumalo (@KellyKhumaloZA) April 3, 2019