KUZIHAMBELA kahle othandweni izinsizwa zeSibaya njengoba kuvela ukuthi ziyawushaya kuZakhele Mabasa-Mokone ngenyanga ezayo.
UZakhele uzakhele udumo ngokudlala indawo kaSkhaleni. Ushadelwa nje ngempelasonto beziwushaya kuzakwabo uNhlanhla Mdlalose olingisa indawo kaBongani kulo mdlalo okhonjiswa ngo-8.30 ebusuku kuMzansi Magic phakathi nesonto.
UNhlanhla ubeshadelwa nguPercy Mdladla eMnambithi ngoMgqibelo kwaqedelwa ngomabo kubo kwaMaqanda ngeSonto.
Isolezwe lisibonile isimemo somshado kaZakhele.
Sibhalwe ukuthi uzobe eshadelwa nguKarabo. Akucaci ukuthi laba sebevele beshadile yini njengoba ngokwesimemo uKarabo engowakwaMabasa-Mokone. Umgcagco wabo uzoba sehhotela elingasePitoli ngoDisemba 22.
Umthombo uthe wenze ukwethembeka kuKarabo ngoba kade ayekhuluma ngokuthi ngelinye ilanga uzomenza umkakhe.
“Siyambongela uZakhele kade untombazane emeseka ehla enyuka naye. Ubehlale ekhuluma ngaye ukuthi luyofika lolu suku. Ngisho isimo sishubile yayilokhu inaye, manje ngoba kumhambela kahle sibone ethathe isinqumo esihle sokuthi athembeke kumuntu abelokhu enaye,” kusho umthombo.
Ethintwa lo mlingisi uvumile ukuthi uyashadelwa. Nokho ucingo luphinde lwanqamuka.
Esethintwa lubanjwe ngowesifazane othe uyashayela ngakho akakwazi ukukhuluma. Ngemuva kwesikhathi uthe usendleleni ebheke eGoli ngakho akakwazi ukukhuluma.
Ubehambele umgcagco kaNhlanhla eMnambithi.
Ngokwesimemo umshado uzoqala ngo-2 ntambama ngaphambi kokuthi kube ne- reception ngo-4 ngosuku olufanayo.
Izimenywa zinxuswe ukuthi zingafiki nezingane futhi zingasifaki isimemo ezinkundleni zokuxhumana.