UMA ubukele umdlalo omusha wethelevishini, wusala uzibuza uziphendula ukuthi ngabe uzwe kahle yini amagama ezocansi aqhuma khona emdlalweni. I-The Black Door ekhonjiswa ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ngo-19.30 kwi-etv isithathe abaningi, ikakhulu ngendawo ka-Romeo edlalwa nguMzamo Gcabashe.
Umdlalo uhlanganisa osaziwayo abahlukene, okubalwa inkakha kwezokulingisa uLinda Sebenzo, Thobani Nzuza noZamani Mbatha. Emdlalweni uMzamo uvele awabize njengoba enjalo amagama. Muva nje ezinkundleni zokuxhumana kujikeleza i-video yakamuva ethi komunye uzakwabo makakhiphe ipipi.
UMzamo uthi sisesikhathini sokuthi abantu bajwayele ukukhuluma ngokukhululeka ngocansi ngoba ngisho izingane zamanje akuselula ukuzifihlela ngalo. "Lo mdlalo wenza okwehlukile, ngisho kimi uqobo kunezinto eziningi engikhule ngingazisho ngomlomo wami kodwa indawo engiyilingisayo iyangiphoqa. Ekhaya akuhlambalazwa nenhlamba ayithukwa kodwa uRomeo kumele akhulume budlabha ngoba uveza izinto ezenzekayo emphakathini, lezi okungakhulunywa ngazo kwithelevishini,"kusho uMzamo.
Impilo yabantu abadayisa ngomzimba nabaya ocansini nabanye ngezindlela ezahlukene ngenye yezinto athi bafuna zihlale obala. "Lezi zinto ziyenzeka emakhaya amaningi futhi kunabantu abaziphilisa ngokudayisa ngomzimba. Ngeke uzwe kukhulunywa ngakho emphakathini ngoba kulindeleke ukuthi umuntu owenza imali kube wusomabhizinisi thizeni onamathenda,"kusho uMzamo.
Ephetha uthe uma zifihlwa izinto akhuluma ngazo kuzokwenza impilo ibe nzima ngisho kubazali, bangakwazi ukubhekana nazo uma sezenzeka emakhaya ezinganeni zabo. "Iqinisio lithi izinkundla zokuxhumana zisebenza ngokufana nethelevishini, okuzofihlwa kuyo kodwa kuzokhulunywa ngakho ezinkundleni zokuxhumana. Okuhle ngethelevishini wukuthi kuyacutshungulisiswa, kubekwe ngendlela enesifundo, kungakhohliswana, okuyinto eyenziwa yiBlack Door,"kusho uMzamo. Ukuqinisekisile ukuthi asazoya ngokuqina amagama azowakhuluma emdlalweni, okukhalisa abantu manje kuseyisiqalo.