UMICHELLE Mosalakae uzakhele udumo ngokulingisa indawo kaZakithi kwiSibaya nekaKamina kwiThe Queen.
Kulezi zinsuku ushisa izikhotha emdlalweni weshashalazi othi Shoes And Coups njengoba eze waqokwa nakumaNaledi Theatre Awards kwiBest Lead Performance in a Play (Female). UCHARLES KHUZWAYO ukhulume noMichelle ngezindaba zenkolo
CHARLES (CK): Bunjani ubudlelwano bakho noNkulunkulu futhi baqala kanjani?
MICHELLE (MM): Mina ngakhulele esontweni. Bengihlale nginokuqonda nothando lukaNkulunkulu kodwa ubudlelwano bami noNkulunkulu buqale kahle mhlazane ngishonelwa wugogo.
Ubuhlungu engabuzwa abuchazeki kwaze kwaba umama ubeka iBhayibheli ezandleni zami maqede wathi “Thandaza ngenhliziyo bese ucela uMoya oyiNgcwele ukuholele encwadini efanele, ezokuthinta inhliziyo futhi ikwelaphe.” Yilokho engakwenza. Ngikhumbula ngizinike isikhathi ngifunda iBhayibheli futhi ngaqala lapho ukuba nokuthula emoyeni wami. Baqala lapho ubudlelwano bami beqiniso noNkulunkulu.
CK: Sikhona esinye isigameko esabuqinisa kakhulu ubudlelwano bakho noNkulunkulu?
MM: Ziningi kabi izegameko ezingehlele. Ngikholwa ukuthi ubudlelwano bami noNkulunkulu buwuhambo, ayikho into ewubudlelwano obungcwele. Kudingeka sihlale sibuqinisa ubudlelwano esinabo noNkulunkulu futhi simlalela ngaso sonke isikhathi.
CK: Yiliphi ibandla lokuqala owabhabhadizwa kulo futhi kwakunini?
MM: Ngesikhathi ngiseyingane ngabhabhathizwa esontweni i-International Pentecostal Church. Ngesikhathi sengiqala ukungena ebutshitshini, ngabhabhadiswa ngumfundisi wami, uPastor Isaac Adjei weFire Revival International Ministeries.
CK: Njengamanje ukhonza kuliphi ibandla?
MM: KwiFire Revival International Ministries ePretoria.
CK: Njengomuntu odumile, benzanjani abazalwane uma bekubona usesontweni okhonza kulo?
MM: Bayajabula kakhulu. Singabantu sonke, ukuthi udumile noma awufundile, siyafana futhi ngicabanga ukuthi isonto indawo ekuvezayo lokho kulingana kwabantu. Kuyamangaza ukuba segunjini elingcwele abantu abafuna ukudumisa nokubonga, sihlangene ngaphansi kwamaphiko aKhe.
CK: Yiliphi ihubo lesonto olikhonzile futhi lisho ukuthini kuwe?
MM: Wow! Maningi kabi, futhi kunzima ukukhetha okuyilo elingihlaba umxhwele kodwa ngingathi yileli elithi Shout To The Lord. Yiculo lokudumisa amandla nothando lukaNkulunkulu.
Ungumduduzi, isiphephelo namandla ethu. KuYe sinethemba, akukho angaqhathaniswa nezithembiso zakhe. Iculo lokholo engilithandayo ngelikaTasha Hobbs Leonard, elithi Break Every Chain.
CK: Emavesini aseBhayibhelini, yiliphi olikhonzile futhi lisemqoka ngani kuwe?
MM: Kwabase-Efesu 6:10-20. Leli vesi linginikeza amandla, ngiyazi angikwazi ukunqoba zonke izinselelo engihlangabezana nazo empilweni, kodwa ngiyazi ukuthi ngihlome ngiphele ngomusa kaNkulunkulu futhi ngizonqoba zonke izithiyo. Sonke kunempi esilwa nayo futhi kubalulekile ukuhlala uyihlomele.