SEKUVELE iqophamlando eveza abesifazane besola isihlabani somculo weR&B uR. Kelly ngokubanukubeza ngokocansi.
Lezi zinsolo ezibhekiswe kuR. Kelly (51) ziqale ukuvela ezigabeni ezimbili kweziyisithupha zaleli qophamlando iSurviving R. Kelly elikhiqizwe udream hampton eqale ukuboniswa ngoLwesine ebusuku.
Laba besifazane okubalwa umndeni, abangani nemigilwa, bashiye ababukeli bebambe ongezansi ngesikhathi bechaza ngobudlelwano babo noR. Kelly.
Lo mculi usolwa ngokuthandana nabesifazane abasebancane.
UR. Kelly waziphika kudala lezi zinsolo ngesikhathi ziqala ukuvela. Useke wasolwa ngokuthumba amantombazane awenze izigqila zocansi.
Umdidiyeli womculo uCraig Williams, uthe wayejwayele ukuzwa ukuthi uR. Kelly akapheli ngaphandle kwezikole zamabanga aphezulu.
Owayeculela uR. Kelly, uJovante Cunningham, uthe wahlangana naye esikoleni iKenwood High.
Uthe wayengazi ukuthi uneminyaka emingaki ngaleso sikhathi, akazange azixake ngalokho.
Uveze ukuthi kunesikhathi lapho abona uR. Kelly elala nomngani wakhe e-studio owayesafunda isikole kodwa wathula ngoba wayesanesifiso sokuba ngumculi. Uqhube wathi wabazisa ku-Aaliyah Dana Haughton owayeneminyaka engu-12 ayethembise ukumenza umculi odumile.
Uthe wabona uR. Kelly eya ocansini no-Aaliyah ngesikhathi eneminyaka engu-15 ebhasini lo mjikelezo womculo.
Unina ka-Aaliyah, uDiane Haughton, uyaziphika lezi zinsolo ezivezwa uJovante.
Owayeyimenenja kaR. Kelly, uDemetrius Smith, uveze ukuthi lo mculi waqale waphika ngobudlelwane bakhe no-Aaliyah kwaze kwaba uyakhulelwa.
Uhlambulukile ukuthi wakokotela amaphepha ka-Aaliyah owayemncane ngeminyaka ukuze ashade uR. Kelly owayena-27 ngaleso sikhathi.
Uthe lama phepha akhulisa iminyaka ka-Aaliyah owayena-15 ngeminyaka emithathu.
“Angiziqhenyi ngengakwenza ngalolo suku. Sasithola isitifiketi somshado. Kwaba umcimbi omncane ehhotela eMayhood, Illinois. U-Aaliyah wayenganayo ingubo emhlophe kanti noR. Kelly wayengayigqokile isudi yomshado,” kusho uDemetrius.
Enye yezintombi zikaR. Kelly, uLizzette Martinez iveze ukuthi bahlangana enxanxatheleni yezitolo ineminyaka engu-17 yobudala.
Ithe baqala bathandana kodwa kulobo budlelwano kwakukhala isicathulo sikaR. Kelly.
Iveze ukuthi wayeyiphoqa ukuthi ilale naye phambi kwabangani bakhe emotweni.
Lo mculi ubuye asolwe ngokuthelela abesifazane ngesifo socansi bese eyabakhokhela.
Umculi uSparkle uveze ukuthi uR. Kelly wanukubeza umshana wakhe (14), agcine eseqopha ama-video ocansi naye.
Watholwa engenalo icala lokuba nezithombe zezingane zocansi eChicago ngo-2008.
Okuxakayo selokhu liphumile leli qophamlando izingoma zikaR. Kelly zithengwa ubuthaphuthaphu kuSpotify.
OJay Z, Dave Chapell, AhmirThompson, Erykah Badu, Mary J. Blige, banqabile ukuphawula kuleli qophamlando, kwawuJohn Legend oqunga isibindi.
Kuke kwasatshiswa ngebhomu indawo ebizosakaza leli qophamlando.
-AP/ANA