KUBUKEKA sengathi kulo nyaka kuzihambela kahle izinsizwa ohlelweni lomculo ama-Idols SA, njengoba zihamba zodwa futhi zithola izincomo emajajini ngendlela ezicula ngayo.
Inani lezinsizwa ezikhombisa ukuthi ziyaphi kulolu hlelo libukeka linyuka usuku nosuku njengoba zilokhu zidlulela ezigabeni ezilandelayo.
Njengomuntu osebhale kakhulu ngalolu hlelo futhi osehambele iziqephu ezihlukene la luqoshwa khona angingabazi ukuthi kulo nyaka eyodwa yezinsizwa izodla umhlanganiso.
Ngokujwayelekile kulo hlelo kuke kube nokudideka ukuthi obani abahamba phambili phakathi kwezinsizwa nezintokazi ngobugagu.
Kodwa kulo nyaka kusheshe kwacaca ukuthi izinsizwa zizimisele.
NgeSonto esiphuma kulo * -Unathi ukufakazele lokhu engikhuluma ngakho njengoba ebuyise izinsizwa ezimbili zaseGoli, uVictor noSandile.
Laba bese bekhonjwe indlela kulolu hlelo kodwa ngenxa yekhono labo abalikhombisa zisuka kwaphoqa ukuthi babuye.
Yize uSandile ngingeke ngisho ngiqiniseke ukuthi singambona ku-Top 16 ezokhishwa ngeSonto kodwa angingabazi ukuthi uVictor uphakathi.
Le nsizwa ikhiphe ikhono layo lokugcina ngesikhathi icula ingoma kaVusi Nova ethi Ndikuthandile.
Ngisho amajaji akubekile ukuthi isahlushwa uvalo nokuma endaweni eyodwa esiteji kodwa nawo akubeke kwacaca ukuthi inekusasa kulolu
hlelo.
Ezinye izinsizwa ezikhombise ukuzimisela futhi okucacayo ukuthi zizodlulela esigabeni esilandelayo uThato waseKapa, Mnqobi wasePitoli, King B waseGoli, noSnenhlanhla waseThekwini.
Kulo nyaka ngesikhathi lezi zinsizwa nezintokazi ezihlukene ziculela izihlwele akekho osukumise izibukeli ngaphandle kukaKing B.
Le nsizwa esencane iphimbo layo lenza lokhu okufunwa amajaji futhi nengoma asuke enikwe yona uyicula ngendlela, ukushiya umangele.
Kuleli sonto uKing B ucule ingoma ka-Etta James ethi At Last.
Lena yingoma yakudala kodwa uKing B wenze konke ukuthi ayicule ngokuzimisela angakhohlwa nelilodwa igama kuyona.
Ezintokazini ezikhona manje kulolu hlelo nengicabanga ukuthi yizona esingazibona ku-Top 16, kukhona kuzo uNtokozo waseGoli, Nosipho waseMnabhithi noYanga waseKapa.