KONKE sekumi ngomumo ngomcimbi wesihlabani sikamaskandi uKhuzani Mpungose i#Gcwalis’iMosesMabhidaStadium ozoba ngoMashi 30. Ekhuluma nabezindaba, izolo uKhuzani uthe useqede konke nabaphathi benkundla yebhola yaseThekwini.
“Njengoba bengingasakhulumi ngalo mcimbi, bengilinde abaxhasi ukuze sibe nento esikhona esandleni singamemezeli umcimbi singakabi nalutho esandleni. Esengibatholile uMnyango wezobuCiko namaSiko kuzwelonke noMkhandlu wezobuCiko kuzwelonke.”
Uthe ngeke angene ezikweletini njengomrepha wodumo lweFillUp, uCassper Nyovest. UKhuzani uthe amathikithi azoqala ukudayisa kuma-computicket kusukela ngoJanuwari 14 kodwa bengakaqiniseki ukuthi azobiza malini.
“Le nto ayiqondene nami kodwa ingomculo kamaskandi jikelele. Mina ngifana nobuso bayo. Ukuhluleka kwayo kuyobe kungasho ukuhluleka kukaKhuzani kodwa kuyobe kusho ukwehluleka komculo kamaskandi.”
Uthe okwamanje kulo mcimbi usafuna kunandise abaculi bakamaskandi kuphela kodwa uma kukhona ezinye izinqumo abazithathayo, bayoziveza esithangamini sesibili esizoba ngoJanuwari.
UMfundisi Mabalane weShow Me Your Number uthe ngaphambi komcimbi, kuyoqala kube nomkhankaso wokuqwashisa ngokuhlukunyezwa kwabesifazane, ngoFebhuwari. “Njengoba uMashi kuyiNyanga yokugqugquzela amalungelo abantu, siyobuye sisebenzise lo mcimbi ukulwa nokuxhashazwa kwamalungelo abantu,” kusho uMfundisi.
Isolezwe lihabule ukuthi eMkhandlwini wezobuCiko kuzwelonke, uKhuzani uthenjiswe ukuxhaswa ngo R1.6 million.