UFUNA ukugcina esenohlelo lwakhe umculi uZanda Zakuza okusetshenziswa iphimbo lakhe kuKhozi FM.
UZanda nguye osho amagama ezinhlelo kanjalo namagama abasakazi emoyeni. Phambilini lo msebenzi bewenziwa nguMandla Mdletshe kanti noMandla Magwaza uke wawenza.
“Kuyisibusiso kimi ukusebenzela umsakazo omkhulu kangaka. Bangamukele kahle futhi bangithathisa okomndeni. Bayangihlonipha. Kungijabulisile ukuthi wonke umuntu uyangazi, kungathi ngifike ekhaya. Kumnandi,” kusho uZanda.
Uthe ngesikhathi ekhula babemdelela bembiza ngomama unebhesi.
“Ukhozi yisiteshi engikhule ngisilalela. Besithanda ukulalela umdlalo womoya njalo ngo-3 ntambama nesalukazi,” kusho yena.
Uthe wayengalindele ukuthi uzothola ithuba elifana naleli. Uthe kukhona owamuzwa ekhuluma wathi kumele aye kwinhlolokhono bafike balithanda iphimbo lakhe.
Kumanje akasafuni ngokugcina eyiphimbo kodwa ufuna ukusakaza.
“Kade ngivakashele uLady D nje ohlelweni lwakhe. Bengingayile ukuyoba nengxoxo kodwa bengivakashile ngiyobuka.”
Lo mculi wodumo lwezingoma ezithi Umvulo kaDJ Mdix, Skeleton Move kaMaster KG nezinye, ubuye waveza ukuthi usaqhubeka nomculo njengobo ekhiphe ingoma entsha ethi, Love you as you are.
“Isiqalile ukudlala emsakazweni kodwa izophuma kahle ngesonto elizayo ezitolo zomculo. Ngipike uMr Brown owumculi omusha wasesitebeleni engiqopha kuso ngoba siyathuthukisana.”
Uthe iyamethusa impumelelo yakhe.
“Angikholwa ukuthi mina wonke lo ngiyoba kuleli zinga. UNkulunkulu uma efika uyabusisa. Ngempelasonto nje bengenze inkonzo yokubonga ngoba izinto zami ziyashesha, kuyethusa.”