NGALESI sikhathi sonyaka indaba esuke isematheni kubathandi bemisakazo wukuthi yiziphi izinguquko ezizokwenzeka ezinhlelweni.
Kumanje kunamahlabezi amatanisa umethuli wezinhlelo zemidlalo owayesebenzela iMetro FM, uRobert Marawa, neRadio 2000.
Muva nje isiteshi sikaTbo Touch, iTouch HD, sisanda kwenza ezaso izinguquko sahlukana noGlen Lewis salanda nabasha.
Ngonyaka ophelile ngesikhathi yenza izinguquko iMetro FM yalanda umakadebona kwezokusakaza uMsizi Shembe.
UMsizi ungena ngo-12 kuya ku-3 ntambama njalo ngeSonto ohlelweni iSunday Soul Therapy.
“Ngizizwa ngisekhaya. Nalezi zinsizwa engisebenza nazo ngeSonto ngingene khaxa kuzo,” kusho uMsizi.
Izinsizwa akhuluma ngazo nguWilson B Nkosi owenza iSounds and Stuff Like That ngo-9 kuya ku-12 emini, Sentle Lehoko owenza iThe Romantic Repertoire ngo-3 kuya ku-6 noMo G owethula uhlelo iSunday Night Love ngo-6 kuya ku-9 ebusuku.
Ngo-9 ekuseni kuya ku-9 ebusuku ngeSonto lesi sikhathi sibizwa nge #LoveMovement9to9 ngoba badlala kakhulu izingoma ezipholile zothando.
“Siyahlala sixoxe. Kwezinye iziteshi akujwayelekile ngoba umsakazi ungena esezokwenza uhlelo lwakhe aphinde aphume agoduke.”
UMsizi useneminyaka engaphezulu kwengu-20 esakaza. Usesebenze emisakazweni okubalwa kuyo iVuma FM, Gagasi FM, Y-FM neminye.
Uthe uthando lomsebenzi wakhe yilo olumgqugquzelayo.
“Ukuzithoba nokuhlonipha ozakwethu yikho okungenze ngahlala iminyaka emingaka. Ngihlale ngithi ungasinyeli isihlahla ngoba uzowudinga umthunzi. Uma uhamba endaweni hamba kahle ngoba uzothola umuntu ongazwani naye esesikhundleni esiphezulu ngoba imisakazo mincane,” kuchaza uMsizi.
Uthe yena akaziboni njengomuntu odumile ngoba impilo yakhe isafana futhi abantu akhula nabo bangakufakazela ukuthi akashintshile.
Ukhulele kwaD, eMlaza, eThekwini.
“Ngizalelwe eHarrismith kodwa umama wami wayesemncane, ngakhuliswa ugogo nomkhulu eMlaza. Ngingumuntu ozithobile futhi ongaphaphile kakhulu.”
Ufunde eNgqayizivele Primary, eMlaza naseWentworth Secondary ngaphambi kokuthuthela eGoli eyofundela ukusakaza eSchool of Broadcasting.
KuseMlaza lapho kwaqala khona uthando lomsakazo ebukela kwingqalabutho engasekho uKansas Mchunu.
“Ekhaya omalume no-anti babethanda ukuthenga umculo bewudlala. Sasilalela yonke inhlobo owokholo, R&B neSoul. Ngagcina ngizitshela ukuthi ngizoba wumculi ngenxa yokuthi ngangizilingisela izingoma uma zidlala. Lagcina selundlondlobala uthando lomsakazo ngenxa yoKansas nabanye abasakazi bangasekhaya abangifaka ugqozi.”
Ngaphandle kwasemsakazweni uMsizi umthola ezindaweni zobumnandi edansisa abantu ngengoma kwazise uphinde abe nguDJ.
“Indawo efika emqondweni engithanda ukudlala kuyo yiseLa Cadi eSoweto ngoba abantu bakhona bayadansa.”
Uthe ingoma engasali uma edlala yiLover For Life kaWhitney Houston.
UMsizi uthe uma engasebenzi uthanda ukukhipha umndeni wakhe beyobuka amafilimu. Unengoduso nezingane ezintathu.
“Njalo ngoLwesihlanu siyaphuma siyodla isidlo sasebusuku siphinde sibuke namafilimu. NgeSonto ngithanda ukusheshe ngivuke bese ngenza isidlo sasekuseni noma ngipheke okwasemini. Ngithanda ukudla kwesiZulu.”
Uphinde abuke nebhola futhi ungumlandeli weKaizer Chiefs.
“Ekhaya yimi ngedwa engilandela iChiefs. Bonke abanye bayiPirates. Ngiyavelelwa.”
Weluleke abalandela ezinyathelweni zakhe ngokuthi bengajahi udumo. Uthe kumele basebenze ngokuzikhandla, bahloniphe umsebenzi ngoba amathuba azovela.