UMCULI waseMgungundlovu, uNkosinathi “King N” Zondo, sekumume emphinjeni ukukipita kwabantu abathandanayo. UKing N uze waqopha umucu osihloko sithi Marry Me ngoba ecikwa ngomasihlalisane.
“Le ngoma njengoba isihloko sithi Marry Me, ngithi abafowethu abashade odadewethu, bangagcini nje kuphela ngokuhlala bengashadile.
“Ngibone sesifikile isikhathi sokuthi ke-ngidlulise leli vangeli kubafowethu ukuze odadewethu bathole injabulo, bangagcini nje ngokuthi batshelwe ukuthi bayathandwa kuze kube iminyaka eyishumi,” kuchaza uKing N.
Lo mculi we-Afro pop uthe okwenze waqala ngomucu ukuthi ubesafuna ukuzwa amanzi ngobhoko ukuthi abantu bazowumukela kanjani umculo wakhe ngaphambi kokukhipha i-albhamu egcwele.
Uthe le ngoma enesigqi sikamaskandi uyathemba izokwenza kahle njengezinye aseke wazikhipha njengoba ebone ukuthi aqhamuke nesigqi esihlukile.
“Ngiwumculi we-Afro pop kodwa kulokhu ngivele ngabona ukuthi ngishintshe kancane ngifake isigqi sikamaskandi, ngibone ukuthi bazoyibheka kanjani le ngoma.
“Selokhu iphumile ngiyabona khona umsebenzi muhle njengoba kukhona abayincomayo kodwa ngifuna okukhulu kunalokhu engikubonayo manje njengoba ngihlela ukukhipha i-EP, ne-albhamu. Ngizothatha lesi sinqumo ngemuva kokuthi abantu bawazi kahle umculo wami,” kusho uKing N.
Uthe ingoma yakhe ilungele imicimbi ethinta abantu abathandanayo efana nemishado noma kwembeswa.
Uthe emculweni ungene ngo-2005, nathe engena kuwona wenza kahle wabhala izingoma ezihlukene.
Uthe engena kulo mkhakha uzitshele ukuthi akafune abantu abazomusa phambili bamsize aqophe umculo wakhe nokula athole isitebele iRockstar Records, ephethwe uLimo Mbhele.