UFUNA ukudlondlobala kwezamabhizinisi uDJ Happy Gal onguDJ osezakhele igama eThekwini nangaphandle.
UHappy Gal ukusho lokhu ekhuluma naleli phephandaba enzelwe iphathi engazi ngabangani bakhe eRiverside Hotel eThekwini ngoLwesihlanu ntambama.
Lo DJ, odabuka eMatshana, eMpangeni, ubegubha iminyaka engu-30 edla anhlamvana. Abangani bakhe bakhethe ukumenzela umcimbi ngoLwesihlanu ngoba abakwazanga ukumenzela ngosuku azalwa ngalo okuwuDisemba 31 ngoba wayematasa enandisa emicimbini ayeqashwe kuyona.
“Ngifuna ukuqhubeka nokuzimisela ukuze ngaziwe kakhulu nangaphandle kwaseKZN. Ngiyamenywa emicimbini yakwezinye izifundazwe kodwa ngifuna kuvame kakhulu ngingagcini nje ndawonye,” kusho uHappy Gal.
Uthe uhlale egqugquzela abanye abakwezokungcebeleka ukuthi babe namabhizinisi eceleni. Yize engafunanga ukuwadalula amanye kodwa uyaziwa ngokuba yingxenye yenhlangano yabesifazane Imbumba yeMbokodo ekhuculula izindawo zokulahla imfucuza izenze amapaki.
“Mina ngingumuntu onganqeni ukuzama into, okunye kuhluleke, okunye kulunge. Ngihluleka ngizamile, angipheli mandla. Bheka manje isikhathi samaholidi siphelile ukube kuthiwa akukho okunye engikwenzayo bese ngizohlala kungangeni mali yingakho kubalulekile ukuthi ngaphandle kokujabulisa abantu ibe khona enye into esiziphilisa ngayo,” kusho yena.