UZOLINGISA indawo ehlukile kunale abantu bakuleli akade bejwayele ukumbona eyidlala kwiGenerations: The Legacy nakwiGreed and Desire, uMotsoaledi Setumo.
Le ntokazi izoqala ukubonakala kusasa emdlalweni iThe Queen, kuMzansi Magic (161), izobe ilingisa indawo kaMmabatho oyisihlobo sakwaMabuza.
KwiGenerations: The Legacy uMotsoaledi ubelingisa indawo kaThabitha “Thabi” Cele obekhonze ukuya ocansini.
UNondumiso Mabece, okhulumela uMzansi Magic, uthe uMotsoaledi ungomunye wabalingisi okulindelwe ukuthi bazodonsa amehlo ababukeli.
“Uyindodakazi ezalwa wudadewabo kaGracious, uJacobeth, owashona kulo mdlalo kuqhuma imoto eyayicushwe abakwaKhoza bethi bazama ukubulala uGracious. UMmabatho ufana nse nonina wakhe njengoba eyikholwa futhi ethanda ukuthi kuhlale kunokuthula ekhaya. Ngaso sonke isikhathi kwaMabuza uzobe eshumayela izwi lobumbano nokuthula,” kuchaza uNondumiso.
Uthe uMmabatho uzohlala nonina wakhe omncane ngoba unina engasekho njengoba uGracious bamkhulisa bobabili noJacobeth.
“UMmabatho uhlakaniphile ngayo yonke indlela ongayicabanga, ulungile futhi uyakwazi ukukhombisa abantu abadala inhlonipho. Uyasithanda isikole njengoba ehamba phambili ezifundweni zeMaths neScience,” kuchaza uNondumiso.
Uthe bajabule kakhulu ngalo mlingisi nokuzobonakala okuningi azokwenza ababukeli abazokujabulela.
“Ngeke ngisachaza okuningi ngendawo azoyilingisa kodwa abantu kuningi nje abasazokubona okuzobathokozisa okuzokwenzeka emndenini wakwaKhoza nowakwaMabuza,” kuchaza yena.
Le ntokazi iveze injabulo yayo ngokubonakala kulo mdlalo enkundleni yokuxhumana uTwitter.
“Sekusele izinsuku ezimbalwa, sengilinde ngabomvu ukuqala kwiThe Queen,” kuchaza yena.