UMCULI uKelly Khumalo uveze ukuthi uyise wengane yakhe owabulawa kubo, uSenzo Meyiwa wayondliwa nguyena behlala ndawonye eGoli.
UKelly ukusho lokhu esiqeshini sokuqala sohlelo lwakhe oluthi Life with Kelly, oluqale ukukhonjiswa kwiShowmax izolo.
Uthe impilo yakhe kuhlale kukhulunywa ngayo idovadovwe sengathi yena akanamizwa, yingakho ebona sesifikile isikhathi sokukhuluma.
“USenzo kubo babengamthandi, bangakhuluma nje phela kodwa wayehlala nami ehlale engenamali. Kubo babazi ukuthi ukhona ngoba bethanda imali yakhe, njalo babefuna imali. Kwakuthi uma esebanikile imali engasenalutho bese ebuya kimi ngihlale naye ngoba wayengumuntu olunge kakhulu uSenzo,” kusho uKelly.
Ubekhuluma konke lokhu enomngani wakhe uWanda Baloyi.Uveze ukuthi abazali bakaSenzo babengamthandi kodwa babethanda imali yakhe.
“Unina ngesikhathi etshelwa izindaba zokuthi uSenzo useshonile izwi lokuqala alikhipha ngelokuthi ngabe sebezokondliwa ngubani? Ungathi utshelwa into ebuhlungu kangaka uvele ucabangele isisu engabe ukhalela ukushona kwendodana yakho?” kubuza uKelly.
Uthe ufisa engabe indodakazi yakhe, uThingo, iyamazi uyise futhi usaphila. Uveze ukuthi uThingo ngeke alubeke kwaMeyiwa njengoba nabo bengamfuni.
Ilungu lomndeni kaSenzo, uSfiso Meyiwa lithe: “Besingakezwa ukuthi ukhulume kanje ngoSenzo. Cha uluhlaza uKelly, le nto ayishoyo iyinhlamba. USenzo wayenemali yakhe kudala ngaphambi kokuba azihlanganise noKelly. Wayengondli umndeni wakhe kuphela, wayeze alule isandla ngisho komakhelwane. Ngokwenza lokho kwakukhombisa ukuthi imali unayo. Le nto (ayishoyo) iyasidina singumndeni, iwukusedelela,” kusho uMeyiwa.
Ohlelweni lwakhe, uKelly uqhube wathi yena unebhadi lokungathandwa ngabantu basemzini.
Luqala nje uhlelo lukaKelly, vele ukukhuluma sekuqalile ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukuthi lesi sihlabani samanoni okubalwa nelithi, Ngathwala Ngaye, enkulumeni yaso ne-eNCA sithe uSenzo wayengaziwa, waze waduma ngoba esemataniswa negama laso.
Lokhu kuthukuthelise abaningi, abebethi lokhu okushoyo akulona iqiniso futhi kutshengisa impakamo ehambisana nobuwula.
Kuphuma lolu hlelo nje, lusayinzukazikeyi udaba lokuthi ngubani owabulala uMeyiwa njengoba lusaqulwa enkantolo, kuyo okuseqhamuke ubufakazi obushayisanayo.
UMeyiwa wabulawa kubo kaKelly eVosloorus, eGoli ngo-Okthoba 2014.