UNTOKOZO “TK” Dlamini olingisa kuZalo wale waphetha ukuthatha isithombe nozakwabo ngesikhathi ecelwa ukuthathwa isithombe noJessica Nkosi weSibaya e-47th Avenue, eThekwini, ngoMgqibelo ebusuku.
UTK, umlingiswa wakhe okunguMastermind, ubenze umcimbi wokugubha usuku lwakhe lokuzalwa. Yena noJessica, uQondi kwiSibaya, bebehleli etafuleni elilodwa nabanye abangani babo kanti phambilini sekuke kwavela izindaba zokuthi bayathandana kodwa abakaze bakuqinisekise lokhu.
Ngesikhathi kumenyezelwa ukuthi uJessica ukhona emcimbini, kanti naye bekuwusuku lwakhe lokuzalwa, bacelwe ukuthi bashaye isithombe ndawonye kodwa uTK wanqaba.
UTK uthe ingaye le nto ngakho akube nguye yedwa oshuthwayo. Akafunanga futhi ukuqinisekisa ngobudlelwano bakhe noJessica. Nangesikhathi esethintwa izolo uvele waluvala ucingo.
Uphinde wala ukudalula iminyaka yakhe wathi “sekusele kancane ngifike ku-30”.
Esikhangisweni somcimbi bekungabhaliwe ukuthi kuzonandisa bani kodwa kuthiwe kuzocula abantu abayimfihlo futhi kuzotheleka nosaziwayo.
Usaziwayo obekhona bekunguNay Maps olingisa noTK kuZalo odlala indawo kaMxolisi. Bekukhona noDJ Benny Maverick wodumo lwengoma ethi Memeza ayishaya noDladla Mshunqisi.
Abebenandisa kubalwa kubo uDJ Sonic ongumsakazi weGagasi FM, uDJ we-hip hop, uMeech nabanye.
Ngesikhathi efika usingaye ngabo-1.30 entathakusa abantu bebengakagcwali ngaphakathi. Kodwa kuthe kubheke ko-2.30 endaweni yokudansa bese kuqala ukuphithizela.
Khonamanjalo, uJessica yena usuku lwakhe lokuzalwa ubekade elugubhe eViews at Twenty5, eStamford Hill, eThekwini, ngoMgqibelo emini.
Ubehlanganisa iminyaka ewu-28. edla anhlamvana.