UYISE kaBongekile “Babes Wodumo” Simelane uthe uma eke waphinda uMandla “Mampintsha” Maphumulo wabeka indodakazi yakhe isandla, bayotholana phezulu.
UWelcome Simelane usho kanje emuva kokuthi inkantolo yasePinetown ilihoxisile icala lokushaya ebelibekwe uMampintsha. Lezi zithandani zanyakazisa izwe lonke kusabalala i-video lapho uMampintsha eshaya uBabes Wodumo ngempama, ayichaza njengento eyayingathi shu.
USimelane uthe uyasamukela isinqumo senkantolo. Kodwa uma kuphinde kwenzeka lokhu, uyobeka ubufundisi eceleni abhekane naye ngqo.
“Ngiyajabula uma sebethole indlela yokulungisa izinkinga zabo. Mina engingakufuni ukuthi uMandla ashaye ingane yami. Uyazi naye kade ngangimkhuza.
“Okwangenza ngahlubuka kakhulu, wukusabalala kwe-video ezinkundleni zokuxhumana, ngadinwa kakhulu ngaze ngakhuluma ngaleya ndlela. UMandla uyaphila emoyeni ngiyamazi, ufuze uyise ongumfundisi, wukuthi nje uhlushwa yileli dimoni lokushaya,” kusho uSimelane.
Eqhuba uthe uyabona ukuthi lesi sigameko sizomenza indoda eqotho uMampintsha ngoba uke wamuzwa emsakazweni egqugquzela amadoda ngokuziphatha.
“IBhayibheli lithi kuhle izinto zoniwe ngomlomo futhi zilungiswe ngawo. Ngiyajabula ukuthi benze intethelelo nami sengixolile. Kodwa ngiwubaba ngeke ngibukele ingane yami ishaywa. Uma kuphinda kwenzeka ngicela abantu bazi ukuthi ngisazozilwela izingane zami. Ngiyazi sengigxekwe kakhulu ngokukhulumela uBongekile kodwa ngicela abantu bangixolele ngoba udumo lwakhe alungenzeli lutho, yinto ayiphiwa uNkulunkulu, mina ngiyamzala ngizomgada,” kusho uSimelane.
Uthe noma emfisela umshado nokujabula kodwa akasoze amkhethela uBabes Wodumo ukuthi aqome bani. “Ngike ngambiza kufika umfundisi osemncane ofundile futhi ophila kahle ezozibika ecela umshado kuye. Wanqaba uBongekile ukushadwa wumfundisi, wathi uthanda uMandla. Sakwamukela ekhaya lokho ngoba sifuna ajabule. Angisoze ngamphoqa noma ngamkhethela umkhwenyana ngoba ngibona imali
“Ngamtshela naye ukuthi ngomthanda nezinkinga zakhe noma sekumbhedela, uyingane yami,” kusho uSimelane.
Okhulumela ezokuShushiswa koMphakathi, uNatasha Kara, uthe abantu kumele bazi ukuthi umthetho uqinile futhi uzimisele ukulwa namacala okuhlukunyezwa kwabantu ngezindlela ezahlukene.
“Abantu kumele bazi ukuthi akuyena ummangali osule icala kodwa lihoxe ngaphansi kwemibandela yokuthi bacela ukuthola ezinye izindlela zokulixazulula ngaphandle kwenkantolo. Bekunemithetho obekumele bayilandele. Imibiko yabuya iveza ukuthi konke bakwenze ngendlela. Uma sekunjalo ngokomthetho kusuke sekufanele lihoxiswe icala,”kusho uNatasha.
UMampintsha uhlawuliswe uR2 000 ngokungafiki enkantolo njengoba bekumele avele ngoLwesibili, uBabes Wodumo akahlawuliswanga ngenxa yezizathu azibikile.