YIZE sekuphele iminyaka emine kwadlula emhlabeni umsakazi weMetro FM u-Eddie Zondi kodwa owangena ohlelweni lwakhe iRomantic Repertoire, uSentle Lehoko uthi namanje inhliziyo yakhe ayifuni ukukhohlwa.
“Namanje inhliziyo kusenzima kimina ukuqhubeka nempilo ngaphandle kwakhe. Amazwi angitshela wona ngaphambi kokuba asishiye emhlabeni asankenteza ezindlebeni zami.
“Ngolunye usuku sathi sizihlalele kumnandi wathi uyohamba kulolu hlelo, ashiye mina.”
USentle uthe wayezitshela ukuthi wayekhuluma ngokuthola amadlelo aluhlaza noma ngokuthatha umhlalaphansi. “Ngangingazitsheli ukuthi wayesezohamba emhlabeni futhi kabuhlungu.”
U-Eddie wamelwa yinhliziyo ekwakhe ngoJuni 16, 2014.
USentle washaqeka ngesikhathi etshelwa abaphathi beMetro FM ukuthi wayezongena esikhaleni sika-Eddie.
“Bengitshela okokuqala, kwathi angiphume ngibaleke, kwangathi ngiyahlanya. Ngaze ngasizwa ngumqeqeshi wami futhi osengifundise okuningi, uWilson B Nkosi, okunguye owangihlalisa phansi wathi umuntu ongenza u-Eddie ajabule uma esakaza lolu hlelo yimi.”
Uthe ngosuku lokuqala ayezosakaza ngalo lolu hlelo, wakhala mi izinyembezi ngenxa yokucabanga ngengcindezi ayezoyifakelwa ngabalandeli baka-Eddie ababemlandela kule iminyaka ewu-18 esakaza lolu hlelo.
“Ngathi ngifika ntambama e-studio ngafika wonke umuntu ngisho nabaphathi imbala bethi bazongisekela. Ngakhumbula ukuthi u-Eddie wayeluthanda kabi lolu hlelo futhi wayengakaze waphutha kulo. Kwakuhluleka ngisho eselivini kodwa wayebuya lapho ekhona ngeSonto ezolusakaza.
“Ngabona ngaleso sikhathi ukuthi ngifakwe ohlelweni olukhulu kodwa ngakhumbula engitshela ukuthi ngize ngingavumi abalaleli bangitshele noma yini. Naye wathi wake wathwala kanzima ngesikhathi lolu hlelo lushiywe uRomeo Kumalo.”
Uthe akasoze alishintsha igama ngoba no-Eddie walifica libizwa ngeRomantic Repertoire, waqhubeka nalo.
“U-Eddie walithatha walibeka kwelinye izinga, nami ngizimisele ukuluthatha ngiliqhubezele kwelinye izinga. Ngathi ngeke ngilingise u-Eddie, ngizoba yimi kodwa ngigcine umculo obuwenza kuzwakale ukuthi sekuyiSonto ntambama.”
Uthe ukusakaza wakuqala esiteshini somphakathi iVaal Community Radio ngo-2000 ngaphambi kokujoyina iMetro FM ngo-2006. Uthe waphothula u-matric ngo-2000, wabe esenza izifundo zePublic Relations eWits Tech.
Uthe unentokazi asethandane nayo iminyaka emihlanu futhi asebenendodakazi nayo uDintle. “Sisezinhlelweni zomshado”
Uthe ugqozi lokusakaza walifakwa ukulalela uhlelo lukaBob Mabena kangangoba waze waqaqa umsakazo kanina efuna ukumbona phakathi.