UZOSABALALA zonke izinkalo ngisho naphesheya kwezilwandle ephusha umculo wakhe uDJ Merlon obegubha usuku lokuzalwa endaweni yobumnandi iRich Durban ngoMgqibelo ebusuku.
UMerlon, obehlanganisa iminyaka ewu-34 kule ndawo eseSpringfield Park, uthe ngeke enze umjikelezo wokugubha usuku lwakhe lokuzalwa kunalokho uzokwenza owokuphusha ingoma yakhe entsha ethi Thembalami ayishaye noMondli Ngcobo noSoul Star. Itholakala kwi-albhamu yakhe ethi Pure Black.
“Ngizohambela amadolobha ahlukene ngiphusha iThembalami ne-albhamu. Kuleli sonto nje ngizobe ngiseKapa ngiyophusha khona bese ngilungiselela ukuya eLondon ngo-Agasti 24,” kusho uMerlon.
Uthe ngeke aye eLondon kuphela ngoba zikhona nezinye izindawo asazozihambela.
Kuze kwashaya u-12 ebusuku emcimbini wakhe kungakagcwali kodwa kuthe kushaya o-1 entathakusa abantu bese befikile.
UMONDLI Ngcobo, L’vovo, Soul Star, DJ Merlon no-Andile Mxhakaza beseRich Durban ephathini kaMerlon
Abaculi basebenzise umcimbi wakhe ukuphusha izingoma zabo ezintsha. Yena ushaye bukhoma iThembalami noMondli noSoulstar kwathi uL’vovo Derrango waphusha ethi Iyavaya apike kuyo uProfessor noDr Malinga. UMampintsha yena ucule iSiyabathandazela ezophuma maduze.
Abanye abebenandisa ngo-Argento Dust, DJ Wonder Sokhulu nabanye kanti bekukhona nomphathi wezinhlelo waseMpangeni, Ematshana, uJabulani Shandu .
“Kuhambe kahle konke. Ngiyabonga kubantu ngokungeseka. Ngiwumfana waseMbumbulu owenza izinto ezinkulu edolobheni futhi manje ngibheke eLondon. Lukhulu luyeza,” kusho uDJ Merlon.
UDJ Happy Gal edlala eThe Beat ngoMgqibelo ebusuku. Isithombe: FANELESIBONGE BENGU
Khonamanjalo, beziphenduka nasendaweni yobumnandi entsha iThe Beat kuMathews Meyiwa Road (Stamford Hill). Bekunomcimbi iGirl Power obekuboshelwe kuwo oDJ besifazane uDJ Le Soul, Black Power, Happy Gal noMiss K.
NgoLwesithathu ebusuku kwakunomcimbi wokwethula iGirl Power okwakugcwele kuwo abalingisi bomdlalo we-e.tv, Imbewu: The Seed.