INKAKHA yomlingisi, okuke kwavela izindaba zokuthi inekhanda eliqinile uma kusetshezwa nayo futhi yakhonjwa indlela emidlalweni okukhona kuyo iGomora, uZolisa Xaluva uveze ukuthi usekulungele ukulwa nodlame emdlalweni omusha alingisa kuwo phambili iCode 13.
Lo mdlalo uzoqala ngo-Ephreli 14 ngo-8 ebusuku kuMzansi Magic.
UZolisa kulo mdlalo uzobe elingisa indawo kaBheki Ndlovu okungumseshi osebenza kanzima nosatshwayo futhi osebophe abantu abaningi ngamacala obugebengu.
“Kulo mdlalo sizobonakala nabanye ozakwethu esizikhandlayo nabo siphansi phezulu sibheka izigebengu sizibophela namacala ahlukene. Ngijabule ngokulingisa le ndawo njengoba izongiveza njengomunye umlingisi engicabanga ukuthi abantu bakuleli abakaze bambone. UBheki ungumuntu onolaka futhi akezwa noma yini abantu abayikhuluma kuye. Okuzogqama kulo mdlalo umsebenzi abanikwa wona wokuthi babophe izigebengu eziyisithupha eziyingozi ezeqa zisevenini yamaphoyisa,” kuchaza yena.
Uthe lo mdlalo uzojabulisa kodwa uzoba nesifundo sokuthi kukhona abantu abazinikela kanjani emsebenzini abanikwe yona.
Kulo mdlalo okhiqizwe iSeriti Films kuzobonakala abanye abalingisi okukhona kubo uLunathi Mampofu (Bongi Nkosi), Aluve Mjali (Marcus ‘Mamba’ Moagi), Primo Baloyi (Veli ‘Veja’ Mohalanyane), Zikhona Bali (Azania), Saint Seseli(Patrick) noThami Mngqolo(Dr Pitso).
Khonamanjalo esiteshini esinguzakwabo weMzansi Magic, iMzansi Wethu (163), kubuya izinhlelo okukhona kuzo iNgishade Wrong ezoqala ngeSonto ngo-Ephreli 14 ezokwethulwa uMpho Mahapa.
NgoMeyi 19 kuzoqala isizini entsha yohlelo oluthi Mntase oluzokwethulwa uMoshe Ndiki.