UMCULI onamava uShoba uthi, sekukuye ukuthi asebenzise ithuba alinikwe nguzakwabo uBlack Coffee, lokuthi azinze phesheya ngoba sebeqalile ukusebezisana futhi.
UMnqobi Shoba, osaziwa ngoShoba endimeni yomculo, ubezibiza ngoShota ngaphambi kokuthi ashintshe abize isibongo sikanina, uShoba. Ugqame ngesikhathi esacula eqenjini iShana, elalibunjwe nguye, uDemor noDJ Black Coffee. Iqembu lahlukana bonke basebenza ngokuzimela.
Muva nje, uShoba noBlack Coffee, baqale ukusebenzisana futhi bahamba amazwe aphesheya ndawonye.
Ungomunye wabaculi abamenyezelwe nguDJ Black Coffee ngempelasonto, ukuthi bazonandisa ekhonsathini yakhe ezoba ngo-Okthoba 7, eMadison Square Garden, eNew York.
Phakathi kwamanye amaciko amenyezelwe kubawa iMajor League DJz, Bucie, Soul Star, Msaki, Delilah Montagu, Maxine Ashley nabanye.
Ekhuluma nephephandaba ese-Italy, uShoba, uthe kusho lukhulu kuye ukuthola leli thuba.
"Kuyisibusiso futhi ngizizwa ngithobekile ukubonela eduze impumelelo yomuntu engakhula naye ekwazi ukwenza izinto ezinkulu kangaka umhlaba wonke. Kunginika ithemba lokuthi nami ngingakwenza," kuphawula uShoba.
Uqhube wathi uzolibamba ngazo zombili ithuba ukuze azakhele igama.
"Ngenhlanhla ngiyamsiza njengemenenja yakhe elungisa yonke into ethinta amalungiselelo ezindawo adlala kuzo. Sengihlangane nabahleli bemicimbi emikhulu futhi sengiwubonile umhlaba. Mhla bezwa umculo wami kuzoba lula. Okwami ukwenza umculo osezingeni ngimele izwe kahle. Okwenziwa nguBlack Coffee, eMadison Square Garden, umhlaba wonke uzobe ubhekile. Yithuba noma yiliphi iciko okumele lilibambe. Kumele ngenze isiqiniseko sokuthi ithalente uNkulunkulu anginika lona ngiyalisebenzisa," kulandisa uShoba.
Udalule nokuthi uzocula ingoma entsha apikwe kuyo nguBlack Coffee, okuzothi ngemuva kwayo bese ekhipha i-Extended Play (EP) yakhe.
"Umculo omusha uyeza manje akusajiki. Nami sengizalwe kabusha nginguShoba, uMjakada. UShoba uyeza. Kusithathe isikhathi eside kodwa nathi sithatha isikhathi sethu. Nakanjani umculo omusha uyeza ngisebenza naye uCoffee."