UPHUMELE obala okokuqala ngokwakhubaza impumelelo yakhe nokwaholela ekutheni anyamalale kwezokungcebeleka eminyakeni edlule uZola Dlamini.
Lesi silomo esaduma ngengoma ethi Mdlwembe nangohlelo iZola 7, besigeqa amagula ngempilo yaso ohlelweni lukaDJ Fresh, iFresh Breakfast, kuMetro FM ngoLwesihlanu ekuseni.
Usole inkampani ayeqopha ngaphansi kwayo kudala, iGhetto Ruff, ngokumcekela phansi, ngokudla imali yakhe nokwagcina kumenze ukuthi ashiye khona nakwezokungcebeleka.
“Kwashaya isikhathi sokuthi ngikhule ngokomqondo ngabona kukuhle ngishiye eGhetto Ruff futhi nganginelungelo lonke lokuthi ngishiye,” usho kanje.
Phakathi kwezinkinga azithola, wukuthi wayekhokhelwa imali encane yize abahleli bemicimbi babesuke bekhiphe imali ngaye.
“Ngangike nginandise ngazi ukuthi ngikhokhelwe R25 000 kodwa abahleli bemicimbi abangiqashile bangitshele ukuthi bakhiphe R60 000 ngami, ngashiya ngaleyo ndlela.”
Usole izikhulu zaseGhetto Ruff ngokuba nesandla esikhulu ekumcekeleni ngokudla imali yakhe, impumelelo yakhe nasebudlelwaneni ayenabo.
“Ukuthatha kwami isinqumo sokushiya eGhetto Ruff kubanikazi bayo babona ukuthi abangilwise.”
Usole abesifazane ayethandana nabo nonina bezingane zakhe ngokukhokhelwa ukuze kupendwe igama lakhe libe libi emphakathini.
Uthe okunye okwenzeke empilweni yakhe ukubhale encwadini ethi Things We Did In The Dark.
Kulezi zinsuku uZola umatasa ukhangisa uhlelo lwethelevishini azolwethula iHope with Zola kuMoja Love, kuChannel 157 kusukela ngoLwesibili ebusuku.