Ezokungcebeleka

Uzokhonjiswa ngoJuni umdlalo weSilo Ilembe

Nokubongwa Phenyane|Published

UMLINGISI uNomzamo Mbatha ozolingisa indawo yeNdlovukazi uNandi emdlalweni iShaka -Ilembe ozoqala kuMzansi Magic ngoJuni Isithombe: SIGCINIWE

LUGCINE lumenyezelwe usuku okuzoqala ngalo umdlalo okhuluma ngempilo yeSilo uShaka, nozokhonjiswa kuMzansi Magic (161) ngoJuni 18 ngo-8 ebusuku.

Iziqephu zokuqala ezingu-12, zalo mdlalo oqoshwe yinkampani iBomb Production, zizoveza impilo yeSilo Ushaka, sizalwa.

Uma lo mdlalo usuqalile ukukhombisa lezi ziqephu zokuqala kuzobe sekuqhutshekwa nokuqopha isizini yesibili yawo.

UNomsa Philiso wakwaM-Net, uthe bajabule ngokuthi ekugcineni baze bamemezele usuku lokuqala kwalo mdlalo, nabathemba ukuthi akukho okuzobaphazamisa balushintshe.

“Sizoqala ukuveza ingxenye yokuqala yalo mdlalo njengoba sake saveza ukuthi lo mdlalo uzohlukana ngezigaba, sizobona kuzalwa iSilo uShaka, ekhula kuze kube wendela koyisemkhulu.

“Ngakho iziqephu zokuqala zizoveza esemncane aze akhule nokubhekana nezingqinamba ezahlukene empilweni yakhe. ”Sizophinde sibheke ukuthi abantu bazamukele kanjani lezi ziqephu bese siqhubekela phambili nalo mlando kaZulu,” kusho uNomsa.

Kulo mdlalo omunye wabalingisi ozogqama kakhulu nguNomzamo Mbatha olingisa indawo yeNdlovukazi uNandi, nophinde abe ngomunye wophrojusa bawo.

Abanye babalingisi abazobonakala kulo mdlalo kubalwa uThembinkosi Mthembu, Ntando Duma, Wiseman Mncube, Mondli Makhoba nabanye.