USOMAHLAYA ophinde abe umlingisi, uChris Tucker useveze ukuthi bamatasa basezingxoxweni zokuqopha ifilimu iRush Hour 4, nokungamanye amafilimu amakhela ugazi emhlabeni.
Lo mlingisi namhlanje uhlangane nabezindaba ezindlini zesiteshi somsakazo, i-East Coast Radio, nala bebezoxoxa ngezinto ezihlukene empilweni yakhe.
Namhlanje uzobe ejabulisa abantu baKwaZulu-Natal ngamahlaya akhe e-ICC, eThekwini.
UChris uthe, akukhona okokuqala eza kuleli kodwa wabona ukuthi uma ebuya kumele azojabulisa abalandeli bakhe. “Ngafikela eKapa, ngizihambela nje ngizovakasha nengagcina ngibona ukuthi kumele ngibuye ngenxa yokuthi abantu bakhona bangikhombisa uthando oluyisimanga. Ukuza eThekwini ngiyaqala futhi ngiyabonga kuwona wonke umuntu othathe isikhathi sakhe wathenga ithikithi lokuzongibona."
Ebuzwa Isolezwe ukuthi ngabe ungumuntu onomsindo nokhulumela phezulu uChris uvele wathi yena unamahloni okuzalwa.
“Amafilimu enzisana into ongeyona njengoba usuke ulingisa. Nami njengoba usungibona nje angiyena umuntu onomsindo futhi othanda ukumemeza kodwa ngenxa yomlingisi engangiwuyena kwakumele ngenze konke lokhu enanikubona. Ukusebenza kwami noJackie Chan kwasho lukhulu futhi kwasenza abangani abakhulu ungumuntu olungile nolusizo."
Uthe ngonyaka ozayo bazomemela ukuthi iRush Hour 4, izoqoshelwa kuphi futhi izophuma nini, uma izinkulumo ziphumelela.