UZODWA Wabantu usezidalele amazinyo abushelelezi kubalandeli bakhe ngenkulumo yakhe ngabathandana nabobulili obubodwa ohlelweni lwakhe oludlala kuMoja Love, iZodwa Wabantu Uncensored.
Esiqeshini sakamuva uZodwa uthi inkinga ngabesilisa abathandana nabobulili obubodwa ukuthi bazitshela ukuthi banesitho sangasese sowesifazane kanti lutho banomphambili.
"Izitabane zinokudlala ngoba zilwa nabantu besifazane. Ngitshele ngesitabane esisodwa esingakaze sixabane nowesifazane endimeni yezokungcebeleka. Inkinga yabo ukuthi bazitshela ukuthi banenanazi, kodwa banomphambili. Thina sinenanazi. Siyabemukela nje ukuze uma sifaka imikhiqizo yokuziphaqula nabo bayifake noma futhi sixoxa ngamadoda nabo baxoxe," kusho uZodwa.
This Is Not Even Fun 🙄🙄🙄
The Hate Speech
She's Just Descriminating Our Fellow Brothers 💔💔💔 Being Gay Doesn't Mean You Trying To Make Yourself A female, I'm Just Disgusted By Your Words Of Hate Speech. Smanga Is Just Your Hand Bag #ZodwaCancelled #Uyajola99 pic.twitter.com/N0mYL296Co
— Dalton Paris (@LeboMashia) July 7, 2019
Lawa mazwi awehlanga kahle kubabukeli balolu hlelo nokuze kwaholela ekutheni baqale umkhankaso we-petition ukuthi luvalwe uhlelo lwakhe kuMoja Love.
Ethintwa yiSolezwe uZodwa uthe ayekusho wayekuqondise kumngani wakhe uNathi Msomi ngoba wayemntshontshele izimpahla zakhe.
"Uhlelo lwami lukhuluma ngempilo yami futhi lokhu engakusho ngangikusho ngomngani wami uNathi Msomi ngoba wayengintshotshele amateku ami engawathenga eDubai, isuitcase engalithenga eDubai, amateku kaNtobeko, uBen 10 wami, kanye nezinye izicathulo zami engazithenga e-USA. Abantu kufanele babuke uhlelo lwami beyeke ukuphawula ngezinto ezithinta impilo yami ngoba mina ngikhuluma ngezinto ezenzeka empilweni yami," kuchaza yena.