UZodwa kuthiwa uxoshwe eZambia ngenxa yokungaligqoki kwakhe iphenti.

SEKUQUBUKE indida ngokuxoshwa kukaZodwa Wabantu izolo eLusaka, eZambia.

UZodwa kuthiwa uxoshwe eZambia ngenxa yokungaligqoki kwakhe iphenti. Lokhu kubonakale njengokudelela imigomo yezwe njengoba ligcwele amaKhristu okuqina.

Nakuba imibiko isho kanje kodwa uZodwa uthe akazange axoshwe. Kunalokho ubuye ngoba sekushaye isikhathi sokubuya.

“Nginandisile, ngadansa ngoba bese bengikhokhele laba ebengiye kubona. Laba abangafuni ngiyonandisa khona sibashaye ngengqondo sasabalalisa amahlebezi okuthi ngizonandisa ngoMgqibelo kanti bengizonandisa ngoLwesihlanu,” usho kanje.

Uthe akazange aboshwe njengoba kubikwa.

“Angilazi nokuthi linjani ijele lakhona. Ngifikile nganandisa njengoba ngikhuluma nawe nje ngiseJozi ngibuya khona, ngisanda kwehla ebhanoyini,” kusho uZodwa.

Uthe akumphathi kabi okushiwo ngabantu.

“Uyabona sisi yingakho sihlekisa nangayo le ndaba ku-Instagram ngoba anginandaba,” esho ehleka.

Imibiko esabalele ezinkundleni zokuxhumana iTwitter, ithi ufike ngoLwesihlanu kade kulindeleke ukuthi ayonandisa emcimbini wokwethulwa kwe-albhamu obuhlelwe ngabakwaSunset Sound Production obuyizolo ebusuku.

Kuthiwa esitatimendeni esikhishwe yiSunset Sound Production engabagqugquzeli balo mcimbi, iNational Arts Council yaseZambia isichithile isicelo sabo sokuletha uZodwa kuleliya lizwe.

Umgqugquzeli womcimbi waseZambia uLucky Munakampe ucashunwe kweminye imithombo yabezindaba eqinisekisa ukuxoshwa kukaZodwa nokuthi ugitsheliswe indiza ngo-5 ekuseni izolo. Imizamo yokuthi sigcine sikhulume noMunakampe ayiphumelelanga.