UMDANSI osezakhele olukhulu udumo ngokungazigqoki izimpahla zangaphansi, uZodwa Wabantu, ushiye angalazi kusomahlaya ophinde abe ngumlingisi weSibaya uCeleste Ntuli ngemuva kokuthi ekhulume ngaye emsakazweni.
UCeleste enkulumeni akade enayo emsakazweni iPower FM, uthe uZodwa akazihloniphi futhi kumele ahloniphe umzimba wakhe agqoke iphethi.
UCeleste ubekhuluma kulo msakazo njengoba ethula ifilimu yakhe ethi, Looking For Love.
“Amantombazane amnyama awanakwa uma esebenza kanzima, enza izinto ezinhle. Kodwa kukhona amantombazane avele akhumule izikhindi zawo zangaphansi, wonke amehlo athi njo kuwona. Angikuqondi ukuthi yini wonke umuntu akhulume ngale nto, iyanyanyisa, yenza thina bantu besifazane abamnyama sibukeke kabi,” kusho uCeleste.
Akagcinanga lapho, ukubeke kwacaca ukuthi ngisho behlangana akafuni nokuthatha naye isithombe.
UZodwa uziphendulele ezinkundleni zokuxhumana eqeda kuzwa le nkulumo. Uvele wabiza uCeleste ngengulube.
“Uma ngiyiShebeen Queen ngomsebenzi wami wena uyingulube engcolile sihla.... Uthi ngeke uthathe nami isithombe uma sihlangana. Ngabe bengisicelile yini? Angidinge kuthandwa muntu mina. Ngiyacela ukuthi ungafaki igama lami uma ukhuluma ngomsebezi wakho,” kubhala uZodwa.
Uqhubekile wathi uCeleste uphusha umsebenzi wakhe esebenzisa igama lakhe ngoba azi kahle ukuthi wonke umuntu uzomnaka uma ekhuluma.
UCeleste ngemuva kokuthi uZodwa ebhale kanje uphendulile wathi, “Ngiyaphinda futhi kuyanyanyi...,ezinye izitho zomzimba wethu kumele sihlale sizifihlile.”
Ethintwa uCeleste ngalolu daba uthe akathandi ukuphawula.
Ucingo lukaZodwa belukhala lungabanjwa.
Kwenzeka lokhu nje, uDJ Tira ubesanda kuba nomhlangano obubukwa bukhoma kwiTwitter, enxusa uZodwa ukuthi ayeke ukhuluma amagama ahlambalazayo nanehlamba.
UZodwa uthembisile ukuthi uzowuyeka lo mkhuba.