INTOKAZI ezalelwe, eManzimtoti, kodwa yakhulela eKapa, uZola Nene, isithole elinye ithuba emkhakheni wokupheka, njengoba izopheka izitshulu ezahlukene ohlelweni olusha iCeleb Feasts with Zola.
Kulolu hlelo okuzobonakala kulo osaziwayo bakuleli beveza amakhono abo okupheka luzoqala kuMzansi Magic (Channel 161), ngoJanuwari 8, ngo-9.30, ebusuku. Lolu hlelo luzokhonjiswa iziqephu ezingu-13, osaziwayo beveza ikhono labo lokushaya ibhodwe.
Esiqeshini ngasinye kuzobonakala uZola ehlangana nosaziwayo ozombuza ukuthi yini afuna bayipheke futhi iphekwa kanjani bese behlanganisa leso sibiliboco.
Lowo saziwayo uzoxoxa ukuthi lokhu kudla yini emenza akukhonze futhi wafundiswa ubani ukukupheka.
Lokhu bazokwenza bebe beqhabula iziphuzo ezihlukene bukhoma ohlelweni.
Uphrojusa walolu hlelo uGideon Eksteen, uthe ekupheleni kwesiqephu ngasinye laba bayobe sebejabulela ukudla abebekupheka.
“Injongo yalolu hlelo ukukhuluma nosaziwayo ngezinto ezehlukene esiyohlale sibakhumbula ngazo. Luzobe lukhonjiswa bukhoma, osaziwayo bexoxa ngomsebenzi wabo abawenzayo, ubudlelwane abanabo nabanye osaziwayo endimeni abakuyo nokuthi obani ababagqugquzela ekutheni babe lapho bekhona manje. Ngeke sikushiye ngaphandle ukuthi obani ababukela kubo emkhakheni abakuwona,” kusho uGideon.
Uthe lolu hlelo ngeke nje lubheke ukuthi yini ezodliwa kodwa nabathanda ukupheka bazosizakala ekuthuthukiseni ikhono labo lokupheka njengoba bezobona konke okudingekayo uma ulungiselela ukudla okuconsisa amathe.