UMBHALI wemidlalo yeshashalazi ophinde abe nguphrojusa uMbongeni Ngema uthe uzimisele ukuqala phansi avuse isikhungo somculo iKZN Music House, esasifana nengane yakhe.
Lesi sikhungo esiseGreyville, eThekwini, sivale iminyango yaso esikhathini esingangonyaka esedlule ngemuva kokuqubuka kwezinsolo zokukhwabanisa kwezimenenja ezazikhona nezikhulu zaseMnyangweni wamaSiko namaCiko KwaZulu-Natal.
Lokhu kuphoqe ungqongqoshe walo mnyango uBongi
Moloi-Sithole ukuthi avule icala.
UMbongeni uthe ukuqashwa kwabasebenzi abangenalwazi futhi abanomhawu yikhona okwaholela ekuweni kwalesi sikhungo. “Ngidumele futhi umoya wami uphukile ngombono wami odicilelwe phansi kanjena,” kusho uMbongeni.
“Yimina umuntu engaqhamuka nombono wokuthi kube khona isikhungo sokuqopha esiphinde sithuthukise amakhono ahlukene eKZN ukuze kuthuthukiswe amakhono entsha futhi kuphele ukuthi abaculi uma kubonakala ukuthi banethalente kumele bahambe bayohlala eGoli. Ngaqale ngakhuluma noDkt Zweli Mkhize esewuNgqongqoshe wezeziMali nokuThuthukiswa koMnotho ngalo mbono, bawulalela futhi waba yile nto engangiyicabanga,” kuchaza yena.
UMbongeni owabhala waphinde waphrojusa ifilimu iSarafina, waba yinhloko yokuqala yesikhungo ngesikhathi sethulwa ngo-2009 wuhulumeni waKwaZulu-Natal.
Washiyango-2015 ngemuva kokuthi inkontileka yakhe ingavuselelwanga, ungqongqoshe owayephethe ngaleso sikhathi kulo mnyango nguNtombikayise Sibhidla-Saphetha.
Lesi sikhungo sasinemishini yokusebenza ebiza R15 million futhi saphinde sathola uxhaso kuhulumeni wesifundazwe.
“Sathenga konke okwakudingeka phesheya kwezilwandle futhi kwaba khona abaculi esabakhiqiza okukhona kubo uDJ Happy Gal, Afrosoul, Mbuso Khoza nabanye abaningi. Laba abathatha ngemuva kwethu yibona ababulala umbono wami ngekusasa lamaciko ahlukene ayeyokhiqizwa yilesi sikhungo. Ilokhu-ke okwenzekayo uma ongqongqoshe beqasha abantu abangazi lutho futhi abangenalwazi ngomculo nothando lwawo. Inhliziyo yami iphukile njengoba le ndawo yayifana nengane yami,” kuchaza yena.
Kusolwa ukuthi abaphathi ababekhona bachitha imali eningi bethenga izimoto ezibizayo, onogada ababagadayo nabaqaphe imizi yabo.
Okhulumela oKlebe, uSimphiwe Mhlongo, uthe udaba luphenywa wuphiko lweCommercial Crime eMgungundlovu.
“Okwamanje akukaboshwa muntu,” kusho uMhlongo.
UMbongeni uthe uyafisa ukuzibonela laba abathinteka kule nkohlakalo.