UGXEKWE nxa zonke owayengumculi weKwaito kuleli u-Arthur Mofokate ngokutheleka ‘engamenyiwe’ emgubheni we-ANC obuseMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo eThekwini.
UMofokate uzidonsele amanzi ngomsele ngokuphazamisa uhlelo efika esteji obekuhlezi kuso izicukuthwane engamenyiwe. Ngaphezu kwalokho uphinde wathatha isithombe nobephethe uhlelo noLinda Sibiya, uNomzamo Mbatha. Lesi sithombe sisuse okukhulu ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana kwazise uNomzamo, ongumlingisi weSibaya, waziwa njengesishoshovu esilwela amalungelo abantu besifazane kuleli.
UNomzamo usheshe wakuchitha ukuthi kukhona ukuzwana phakathi kwakhe noMofokate
Waveza ukuthi uthathe isithombe njengendlela yokuhlonipha.
“Bengiphambana naye ngemuva komcimbi ngesikhathi engibingelela wakhipha iselula. Njengomuntu ohloniphayo ngivumile (ukuthi bashuthe). Angiyena kodwa umlandeli wakhe kanti nengqondo yami ibingaphapheme ngokwanele ukuthi ngimxoshe,” kusho uNomzamo ephendula umlandeli wakhe obephoxekile ngalesi sithombe kutwitter.
UMofokate akafunwa nje kulandela ukumangalelwa ngowayeyisinqandamathe sakhe, uCici, ngezinsolo zokumshaya nokumhudula esigamekweni esenzeka ngo-2017.
Esitatimendeni esikhishwe izolo, i-ANC ixolisile kuNomzamo ngokutheleka kuka-Arthur yaphinde yaziqhelelanisa naye.
“Noma i-ANC isike yasebenzisana futhi yeseka uMofokate eminyakeni edlule, imibiko yakamuva asolwa kuyo ngokuhlukumeza abesifazane ayihambisani nenqubo yenhlangano. Siyazigxeka izenzo zokuhlumeza abesifazane futhi siyaziqhelelanisa noMofokate,” kusho uMnuz Zizi Kodwa obambe esokukhulumela i-ANC kuzwelonke.
NgeSonto uMofokate naye uxolisile kuNomzamo.
“Ngiyaxolisa kuNomzamo ngesimo asebhekene naso. Ngiyaxolisa ngokwenzeke eHilton Hotel ngemuva komgubho, ngokunjalo nangesithombe esesigcwele ezinkundleni zokuxhumana, ngiyacela abantu bakuleli bangagxeki uNomzamo Mbatha ngaso. Ngisithathe njengendlela yokubungaza umuntu wesifazane ohloniphekile emphakathini.”