UKHONJWA kuKhozi FM umsakazi weVuma FM obenza uhlelo lwasekuseni osesebenzele imisakazo eminingi kuleli, uZandile “Zeal” Dladla.
UZeal uqale ukuzakhela udumo esakaza kuMetro FM nakuGagasi. Sekusabalele imibiko yokuthi noma yikanjani uyaqala kuKhozi FM.
Umthombo weSolezwe udalule ukuthi uZeal uzongena ohlelweni olubizwa ngeKhwezi LoKhozi obelushayelwa nguSthandwa Gama, olungena ebusuku ngoLwesihlanu ngo-2 luphele ngo-4 ekuseni. Uzophinde azwakale kwiChillaz engena ngoMgqibelo ngo-3 ntambama iphele ngo-6. Lolu hlelo belwenziwa uKhetha Gwala ophethe uphiko lomculo kulo msakazo.
Umthombo uthe bekunzima kubaphathi ukuthola umuntu ozovala isikhala kulaba abakhona kodwa kwaphoqa ukuthi bathungathe omunye umsakazi ozosivala.
Omunye umthombo uthe konke sekuphothuliwe ngoZeal sekushoda ukuthi aqale.
“Uyeza ngempela oKhozini, uzoqala maduze nje kulezi zinhlelo. Konke kwenzeke ngokushesha njengoba bekudingeka umuntu ozovala lesi sikhala,” kuchaza yena.
Okhulumela iSABC, uKaizer Kganyago, uthe okwamanje belingakamenyezelwa igama lomsakazi ozovala isikhala.
“Njengoba seluphumile uhlu lwabasakazi abasha Okhozini, ake sigxile kulona njengoba ngingakazitholi izindaba zokuthi kukhona abanye abamenyezelwe ngemuva kwalokho,” kusho uKaizer.
Imizamo yokuthola uZeal ngalolu daba ayiphumelelanga, ucingo lwakhe beluvaliwe.