SEKUQUBUKE umbango ebandleni lamaLuthela egatsheni elisesigcemeni sakwaF KwaMashu ngenxa yemali ekhokhwa abadidiyeli bomdlalo wethelevishini okhonjiswa kuSABC1, Uzalo, uma besebenzisa isakhiwo sesonto.
Umthombo ongaphakathi kuleli bandla uthe kushube isimo ngaphakathi kangangoba sekunabazalwane abangasabhekani kubangwa ukunyamalala kwale mali okuthiwa ayiqoshwe ndawo emabhukwini ebandla.
Kusolwa ukuthi kukhona ilungu lomkhandlu eliyehlise ngomlenze imali okuthiwa ikhokhwa njalo uma abalo mdlalo bezoba nesiqephu esakhiweni sebandla.
“Kunamalungu ebandla athukuthele kakhulu ngokungazi ukuthi ishonephi imali ekhishwa wuZalo ngokusebenzisa indlu yebandla elisegatsheni laseSangweni.
“Asazi nokuthi kwakuvunyelwene ngani futhi asazi nokuthi le mali inyamalale yashonaphi. Esikwaziyo wukuthi kwakuthiwe uma Uzalo lusebenzise leli sonto luyakhokha.”
Omunye umthombo uthe le ndaba iqale ngesikhathi kwethulwa isabelo sezimali ebandleni.
“Kuvele kwangashiwo lutho ngokuthi imali yoZalo iyimalini, nokuthi yenzani,” kusho umthombo. Omunye uthe udaba luluhlukanise phakathi ibandla.
“Kukhona abahambisana nekomiti elidala, ebeliholwa nguNkk S Mncube, okuyilo elisolwa ngokudla imali kanti abanye bahambisana nekomiti elisha eseliholwa nguNkk Nonhlanhla Khanyile. Bafuna ukwazi nokuthi Uzalo beluqasha isonto lawo ngamalini nokuthi sasithini isivumelwano. Kusolwa obengusihlalo womkhandlu wegatsha laseSangweni ngokunyamalala kwemali ebikhishwa.”
Okhulumela Uzalo, uKoketso Phala, uthe awukho umnikelo abawunikeza ibandla lamaLuthela.
“Uma iStained Glass TV (inkampani eqopha Uzalo) isebenzise isonto uma iqopha ezinye iziqephu, njengoba sihlale senza nakwabanye, siyayikhokhela indawo esisuke sinikezwe yona,” kuphetha uKoketso.
Akathandanga nokho ukuchaza ukuthi bakhokha malini kuleli bandla.
Ethintwa uNkk Mncube uthe akukho angakuphawula ngoba akasekho ekomitini. Kuhlule esencengwa ukuthi aphawule ukuthi wayethola malini kuZalo nokuthi imali yenzenjani kwazise uyasolwa.
“Njengoba ngingasekho ekomitini, akukho engizokusho,” kusho uNkk Mncube ngezinqamulelayo maqede wavala ucingo.
UNkk Khanyile uvumile ukuthi mkhulu umsindo oqubukile ngemali yoZalo.
“Njengamanje lolu daba alusekho ezingeni lomkhandlu engiwuphethe kodwa seludluliselwe emkhandlwini wesifunda. Ngakho angisavunyelwe ukuphawula,” kuphetha uNkk Khanyile obematasatasa nabenza inhlolokhono.
Imizamo yokuthola usihlalo wesifunda sasenNtuzuma uMnuz KB Maseko ukuba aphawule ayiphumelelanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.