UMREPHA waKwaMashu, uZakwe, useveze ukuthi usemizameni yokubuyela esikoleni kulo nyaka ayoqedela iziqu ze-IT azishiya phakathi ngo-2009 ngenxa yomculo.
Uthe washiya sekusele unyaka nohhafu ngaphambi kokuthi aqede eDurban University of Technology (DUT) lapho ayefunda khona.
“Ngizama ukubuyela khona eDUT. Kuzokwenza abazali bami bajabule ngoba bayayiqhakambisa indaba yesikole. Kodwa vele yisinqumo engasithatha sokuthi kumele ngiqedele engakuqala. Noma ngingeke ngisaba wungoti wezobuchwepheshe kodwa ngifuna ukuba nazo ngazi ukuthi zikhona,” kusho uZakwe.
Uphinde wagqugquzela abangaphumelelanga ku-matric wathi ukungaphumeleli kwabo akusho ukuthi uyisehluleki.
“Kukho konke okwenzekayo ukungaphumeleli kumele ukuthathe njengesifundo. Uma uqhuzuka ungakubuki lokho njengokwehluleka kodwa kubuke njengesifundo,” kusho uZakwe.
UZakwe uzakhele ugazi kubathandi bomculo ngo-2011 ngemuva kokukhipha i-albhamu yakhe yokuqala ethi Zakwe eyayigabe ngezingoma okubalwa kuzona ethi Bathi Ng’yachoma nezinye.
Ngonyaka odlule ukhiphe ingoma ethi Sebentini ngokuhlanganyela noCassper Nyovest noMusiholiq. Ngesikhathi beyishaya noCassper Nyovest kwi #FillUpFNB nyakenye, uNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko kuzwelonke uNathi Mthethwa wabancoma ngokuqhakambisa isiko nolimi lwamaKhoisan.
“Akuphelile ngami, labo abacabanga kanjalo abavele bakhohlwe.”
Uthe i-albhamu yakhe entsha ezophuma ngaphambi kukaMashi isiphelile kodwa uselinde ukuthi “iMabala Noise ishaye impempe”.