UKUQEKETHA isiZulu kumfake ezintweni owomdabu waseNdiya ongomunye wabalingisi bomdlalo omusha wakwi-e.tv Imbewu: The Seed.
UKaylin Soobramanian (17) odlala indawo kaThusheleni kulo
mdlalo, usezakhele ugazi ngokulingisa indawo yowomdabu waseNdiya okhuluma isiZulu phaqa.
Ekhuluma neSolezwe ngeSonto uthe ukhule endaweni yabantu abamnyama eBhambayi, eNanda, okuyilapho efunde khona isiZulu.
Uthe ekuqaleni kwalo nyaka uthuthele ePhoenix lapho efunda khona uGrade 10, eWestham Secondary.
Uma ekhuluma ungafunga ukuthi omunye wabazali bakhe ungumZulu kanti akunjalo, umndeni wakhe wonke ungowomdabu waseNdiya.
“Ngifike eNanda ngisemncane. Ugogo wami wahluleka ukukhokha ama-rates lapho ayehlala khona nodadewabo.
Wathatha izingane zakhe wayoqasha nazo eBhambayi. Ngisafika kwakunzima ngoba isiZulu ngangingasazi.
Kwangiphoqa ukuthi ngisifunde ngoba abangani bami bathi bayoze badlale nami mhlazane ngakhuluma isiZulu,” kusho uKaylin.
Uthe ubengazi ukuthi ukukhuluma kwakhe isiZulu kungaholela ukuthi agcine esebonakala kwithelevishini.
Uveze ukuthi ungene kulo mdlalo ngemuva kokufika kwabantu bamafilimu eNanda ngonyaka odlule befuna umfana weNdiya okhuluma isiZulu.
“Baqale bathole umzala wami, kodwa bathola ukuthi mdala. Wabayalela mina, baqopha i-video eyagcina isibonwa abadidiyeli beMbewu. Ngezwa sebengifonela bethi angiye kwinhlolokhono yabo. Bafika bazongilanda, ngabona ubaba uDuma Ndlovu nosisi uLeleti Khumalo. Ngangingazitsheli ukuthi ngiyoke ngibe umlingisi ngoba ngangizithandela ibhola. Kwaba nzima ngiqala ukuqopha kodwa ngibonga isineke somqondisi uZuko Nodada, obelokhu engigqugquzela engitshela ukuthi ngintswempu,” kusho uKaylin.
Uqhube wathi kube lula ukulingisa indawo kaThusheleni ngoba icishe ifane nempilo yakhe.
UThusheleni uthe umfana ozizamelayo, ofika eMlaza eyofuna umndeni wakoninalume.
Le mali ayithola kwiMbewu uthe useyakwazi ukondla ngayo umndeni wakhe njengoba unina engasebenzi kanti noyise akahlali nabo.