USEZAKHELE isigcwagcwa umfundisi webandla labasindisiwe, iSt Paul’s Apostolic Church yaseStellenbosch, eWestern Cape, ngenxa yezindawo azilingisayo.
UPastor Bongile Mantsai ulingisa indawo yesigebengu esisabekayo esinguPoncho emdlalweni wethelevishini okhonjiswa kuMzansi Magic ngeSonto ebusuku, othi Nkululeko. Umlingiswa wakhe uVija, isitabane esikhonze ukuya ocansini entabeni efilimini esuse umsindo, Inxeba-The Wound.
UBongile uthe akakutholi ukuphumula ngoba amakholwa ahlale embuza mihla namalanga ukuthi uzidlala kanjani lezi zindawo azilingisayo ekubeni eyikholwa futhi abuye ashumayele esontweni.
“Yize ubaba ewuMbhishobhi ebandleni kodwa uyakwazi ukuwachazela amakholwa ukuthi ukulingisa wumsebenzi engizondla ngawo.
"Uyawatshela amakholwa ukuthi ngisuke ngidlala indawo engiqashelwe yona, hhayi ukuthi ngisuke sengiyiloyo muntu engisuke ngimlingisa.
"Angisona isitabane nesigebengu kodwa ngiyathanda ukudlala izindawo ezisuke zizoguqula ukucabanga komphakathi, hhayi ezisuke zizochaza abantu.”
Uthe okummangazayo wukuthi ngabantu abadala kuphela abakhombisa ukumzonda uma ehlangana nabo kodwa intsha iyamthakasela.
“Lokho kungenza ngibone ukuthi izindawo engizilingisayo ngizidlala kahle. Mina ngiyayicwaninga ngempela indawo engisuke ngizoyilingisa ukuze ngiyenzisise.
“Ngisho kuyindawo engiyinyanya kangakanani kodwa ngigcina sengiyilo muntu engimlingisayo.”
UBongile (37) uthe ngaphambi kokulingisa noma uma eseqedile uyathandaza, enxusa futhi ebonga uMdali.
“Ngibuye ngibe wumculi wokholo. Ngicula phambili ekhwayeni yesonto futhi sesiqophe amaCD amabili ethi UJesu Wami Uyaphila nethi Lona Baratang Ho Phela kanti eyesithathu ngayenza nekhwaya
iSection of Peace ethi Sedilaka.”
Nakuba uBongile eqale ukugqama kulo nyaka kodwa uthe useneminyaka eyibambile kule ndima njengoba esewuzungezile umhlaba elingisa emidlalweni yeshashalazi.
“Ngihlale kakhulu emazweni angaphandle. Angisitholanga nesikhathi sokukhulisa kahle izingane zami ezimbili.
Uthe akanaye umuntu ahlela ukuthi amshadele ngenxa yokuthi ubengakabi naso isikhathi sokugxila ekuthandaneni.