IMENENJA kaZahara ithi usazothwala kanzima lo mculi njengoba izinkinga zakhe zezimali zisazoqonga.
USanele Dlamini othi usebe yimenenja kaZahara iminyaka eminingi kusukela esengaphansi kweTS Records, ukuqinisekisile ukuthi sebephenduke inkukhu nempaka.
Ngeledlule Isolezwe ngeSonto libike ngengxabano kaZahara noSanele neTS Records, uZahara ebasola ngokumxhaphaza nokumkweleta izizumbulu.
Kuleli sonto uSanele uveza okubaxabanisile noZahara.
“Ngiyambuka ehamba ethunaza isithunzi sethu emaphepheni ngento angenabo ubufakazi bayo. Usekhohliwe ukuthi unenkontileka yeminyaka eyisikhombisa nenkampani yami iMLH, ayisayine ngo-2017. Ngeke akwazi ukuyocula noma aqophe nenye inkampani singakayixazululi inkinga yethu,” kusho uSanele.
Uthe usazoyiswela imali uma eqinisa ikhanda ngoba ngeke amyeke asebenze nabanye abantu enenkontileka naye.
Uthe uZahara uwiswe ukucwila otshwaleni okwenze agcine engasayi ukuyocula emcimbini aqashwe kuyo, angalubhadi nasezingxoxweni nabezindaba asuke ehlelelwe zona.
Uvumile ukuthi babevumelene ngokuthi iMLH kuzoba eyabo bobabili kodwa uZahara walibala utshwala ngosuku okwakumele bayobhalisa ngalo inkampani.
Uthe uKhisimusi noNcibijane odlule uZahara ukudle esesibhedlela lapho elaliswe ngoDisemba 23 waze wakhishwa ngoJanuwari nonyaka, eyompontshwa utshwala emzimbeni.
UZahara uvumile ukuthi ubenenkinga yotshwala kodwa wathi uSanele usezama ukucasha ngayo.
“Inkinga yami yotshwala ngiyinekele izwe. Ngize ngabuya nasesibhedlela. USanele usalokhu ebambelele kuyo. Kumele ngabe uyaxolisa, akhokhe imali yami. Amaphoyisa nabameli bami bazobhekana naye njengoba eyiqola,” kusho uZahara.
USanele uthe ulandele uZahara ngemuva kokushiya eTS ngo-2016 ngoba kwase kunguye umculi osele.
Uthe uZahara uze waqamba i-albhamu yakhe yakamuva uMgodi ngoba ebonga ukuthi umkhiphe emgodini abengene kuwo.
Uziphikile izinsolo zokuthi kunemali ayikweleta uZahara. Uthe izimali zeMLH bebezisayinela ndawonye.
Usole uZahara ngokukhiphela kubona ulaka lokuthi akanamali, ulambile. USanele uthe uZahara angadlelwa umuzi nemoto noma yinini. Uveze nokuthi uZahara usebasola ngokudla izimali zakhe ngenxa yokuhluleka ukuthola imali komasipala abahlukene ayehamba ecela uxhaso lwenkampani yakhe, iZahara Army.
Uthe bazohlangana enkantolo noZahara ngoba uzombopha uma eke waphula imibandela yenkotileka yabo.
UZahara uphikile ukuthi unenkontileka ayisayine neMLH. Uthe usayine neWarner Music ngemuva kokuvumelana neMLH.
Uvumile ukuthi indlu nemoto yakhe kungase kudliwe ngoba sekuphele izinyanga ezine ehluleka ukuzikhokhela ngenxa yabantu abadla amandla akhe.
“Angisafuni ukukhuluma ngale nto. Ngiyiyekela kubameli bami. USanele angakhuluma konke akuthandayo ngami, anginandaba. Ngifuna imali yami nje qha kuyena,” kusho uZahara.