INSIZWA yaseThekwini uScelo Gowane, ingoma yayo ethi Ma Sefuhamba eyenza kahle emisakazweni eyehlukene, idalule ukuthi yize iqale ekubeni uphrojusa kodwa uthando lwayo belusekubeni wumculi.
UScelo, waseNewlands West, uthe akamusha emculweni njengoba eke wasebenza noRobbie Malinga, Mondli Ngcobo noZandi Khumalo engomeni yakhe ethi Bitter Sweet.
Akagcinanga lapho kodwa uphinde wasebenza noKarabo owagqama ohlelweni ama-Idols, engomeni yakhe ethi Ding-Dong.
Enkulumeni abe nayo neSolezwe uScelo uthe ekupheleni kukaMeyi uzokhipha i-albhamu njengoba ziziningi izingoma abesezihlanganisile nasakhethe kuzo ezingu-12 azozisebenzisa.
“Okujabulisa kakhulu wukuthi njengoba ngimatasa ne-albhamu kukhona ingoma engiyikhiphe emasontweni amabili adlule ethi Njalo nayo edlalayo manje emisakazweni. Le ngoma imayelana nothando, ikhuluma ngokubekezelelana othandweni nokukhombisa uthando lwangempela,” kusho uScelo.
Uthe yize le ngoma isiphumile kodwa ibingakatholakali ezitolo zomculo ku-internet kodwa ngeke liphele leli sonto ingatholakalanga.
“Ngifuna ukusebenza nabantu abaningi emculweni okubalwa kubona insizwa eyaziwa ngo-Afrotraction njengoba umculo wethu ucishe ufane. Angimusha neze emculweni njengoba ngiqale ngo-2006 ngengoma engayikhipha noMzokoloko,” kuchaza
yena.
Uthe uma eseyikhiphile i-albhamu uzodedela nama-video ezingoma eseziphumile manje.